UJobe 15

15
Inkulumo Yesibili Ka-Elifazi
1Kwase kuthatha u-Elifazi, umThemani, wathi:
2 “Ohlakaniphileyo uyakuphendula yini
ngolwazi olungathi shu,
agcwalise isisu ngomoya
wasempumalanga na?
3Aphikisane ngamazwi angasizi lutho
nangezinkulumo ezingenalusizo na?
4Kepha wena uyakuchitha ukwesaba,
uqede ukuzindla phambi kukaNkulunkulu.
5 Ngokuba iziphambeko zakho
zifundisa umlomo wakho;
ukhetha ukukhuluma kwamaqili.
6 Ngumlomo wakho okulahla ngecala,
yizindebe zakho uqobo, hhayi mina,
ezifakaza okumelene nawe.
7 Ngabe ungumuntu wokuqala yini owazalwa na?
Wabakhona zingakabi bikho nezintaba na?
8 Wakuzwa yini okwakhulunywa
emkhandlwini kaNkulunkulu,
wazigodlela wedwa ukuhlakanipha na?
9 Yini oyaziyo thina esingayaziyo na?
Yini oyiqondayo thina esingayiqondiyo na?
10 Izimpunga, nabamnkantshubomvu
abadala kunoyihlo bangakithi.
11 Incane yini kuwe induduzo kaNkulunkulu,
nezwi elikhulunywa kahle kuwe na?
12 Kungani inhliziyo yakho ikumukisa na?
Kungani amehlo akho egcwala intukuthelo,
13bese ubhokela uNkulunkulu ngolaka,
ukhulume amazwi anje ngomlomo wakho na?
14 Uyini umuntu
ukuba angaba ngohlanzekileyo,
nozelwe ngowesifazane
ukuba abe ngolungileyo na?
15 Nabangcwele bakhe akabethembi,
nezulu alihlanzekile emehlweni akhe,
16 kakhulu kangakanani
onengekayo nowonakeleyo,
umuntu ophuza ububi njengamanzi na?
17“Ngizokutshela, ngilalele,
ngizokulandisa engikubonileyo,
18 lokho okwakhulunywa yizihlakaniphi
ezingakufihlanga kokhokho bazo,
19izwe elanikwa zona kuphela,
akukho mfokazi
owadabula phakathi kwabo.
20 Umuntu oyisikhohlakali
ubinyabinyeka ebuhlungwini imihla yonke,
ngayo yonke iminyaka
isidlova esibekelwe yona.
21 Ukunkeneneza okwesabisayo kusezindlebeni zakhe,
uyothi esahlezi enethezekile,
kutheleke umphangi.
22 Akethembi ukuthi uyobuya ebumnyameni,
ulindelwe yinkemba.
23 Uhamba ezulazula,
efuna ukudla,
athi: kuphi na?
Uyazi ukuthi usuku lobumnyama
selusesandleni sakhe.
24Ukuhlupheka nosizi kuyamethusa,
kumkhungatha njengenkosi
ezilungiselele ukuya empini,
25 ngokuba waphonsela uNkulunkulu inselelo,
wazigabisa kuSomandla.
26Wamelana naye ngeqholo,
ethembele emahawini akhe aqinileyo,
27 ngokuba wasibekela ubuso bakhe
ngamafutha akhe,
wenza umvingqi okhalo lwakhe.
28 Wahlala emizini eyincithakalo,
nasezindlini okungahlali muntu kuzo,
ezimiselwe ukuba ngamanxiwa.
29 Akayukuceba, nengcebo yakhe ayiyukuhlala,
nempahla yakhe ayiyukwanda ezweni.
30 Akayukusuka ebumnyameni,
ilangabi liyakubunisa amagatsha akhe,
apheshulwe ngukuphefumula komlomo wakhe.
31 Makangethembi okuyize,
azikhohlise ngokuyize,
ngokuba ize liyakuba ngumvuzo wakhe.
32 Kuyokwenzeka kungakabi yisikhathi,
igatsha lakhe lingakakhuli libe luhlaza.
33 Uyakuvuthulula amagilebhisi akhe
aluhlaza njengomvini,
awohloze imbali yakhe njengomnqumo.
34 Ngokuba umshungu wabangenabunkulunkulu
uyinyumba,
nomlilo uqothula amathende
athengwa ngokufunjathiswa.
35 Bakhulelwa inkathazo,
bazale inkohlakalo,
isisu sabo silungiselela inkohliso.”

Okuqokiwe okwamanje:

UJobe 15: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume