UJobe 16

16
UJobe Uphendula Inkulumo Yesibili Ka-Elifazi
1UJobe waphendula, wathi:
2 “Ngizizwile izinto eziningi ezinjengalezi,
nonke ningabaduduzi ababi.
3 Awukho yini umkhawulo emazwini ayize na?
Ucunulwa yini ukuze ungiphendule na?
4 Nami bengingakhuluma njengani,
ukuba benisesikhundleni sami,
bengingayihlanganisa inkulumo,
ngimelane nani,
ngininikinele ikhanda.
5Benginganikhuthaza ngomlomo,
induduzo yezindebe zami
idambise izinhlungu zenu.
6 “Uma ngikhuluma,
ubuhlungu bami abuyukudanjiswa,
nalapho ngithula,
bungakanani obusukayo kimi na?
7 Nokho manje uNkulunkulu ungikhathazile,
yonke indlu yami uyenze incithakalo.
8 Ungibambile, lokhu kungubufakazi,
ukuzaca kwami kumile kungubufakazi
phambi kwami.
9 Ulaka lwakhe luyadwengula, luyangisibekela,
ungiququdela amazinyo,
isitha sami singihlahlela amehlo.
10 Bangikhamisela imilomo, bengiklolodela,
bangishaya esihlathini, bengigcona,
bayangihlanganyela.
11UNkulunkulu unginikele kubantu abonakeleyo,
ungiphonse esandleni sezikhohlakali.
12 Ngangihlezi kahle, wangiphihliza,
ungibambe ngentamo, wangiphahlaza,
ungimise ngaba yinkololo yakhe.
13 Abacibishelayo bakhe bangihaqile,
uqhekeze izinso ngokungenaluzwelo,
inyongo yami uyichithe emhlabathini.
14Ungishaya ephindelela,
ungidumela njengeqhawe.
15 “Ngithungele indwangu eyisaka esikhumbeni sami;
ngabeka amandla ami othulini.
16 Ubuso bami buklwele babomvu ngukukhala,
kunobumnyama obukhulu ezinkopheni zami,
17 nakuba kungekho budlova ezandleni zami,
nokukhuleka kwami kulungile.
18Mhlaba, uze ungaligqibi igazi lami,
ukukhala kwami makungayitholi indawo yokuphumula.
19 Ngisho manje, ufakazi wami usezulwini,
ummeli wami usezindaweni eziphakemeyo.
20 Abangani bami bayangiklolodela,
iso lami liphophoza izinyembezi kuNkulunkulu,
21ukuze abeke udaba lomuntu kuNkulunkulu,
njengomuntu ekhulumela umngani wakhe.
22 Ngokuba sekusele iminyaka embalwa,
ngithathe indlela engingenakubuya kuyo.”

Okuqokiwe okwamanje:

UJobe 16: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume