NgokukaMathewu 12

12
UJesu Ucacisa Umyalelo Wesabatha
(Mak. 2:23; Luk. 6:1)
1 Ngaleso sikhathi uJesu wadabula emasimini kakolo ngosuku lwesabatha. Abafundi bakhe babelambile, baqala ukukha izikhwebu, badla. 2AbaFarisi bekubona lokho, bathi kuye: “Awubheke ukuthi abafundi bakho benzani, benza okungavunyelwe ngesabatha.”
3 Wathi kubo: “Anifundanga yini okwenziwa nguDavide nayehamba nabo mhla elambile, 4 ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu, wadla izinkwa zobukhona okungavunyelwe ukuba azidle, kodwa ezidliwa abaphristi kuphela na? 5 Futhi anifundanga yini emthethweni ukuthi ngesabatha abaphristi bayona ethempelini, kodwa bangabekwa cala na? 6Kepha ngithi kini: kukhona lapha okukhulu kunethempeli. 7 Kodwa ukuba benazi ukuthi kusho ukuthini ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo,’ ngabe anibalahlanga labo abangenacala. 8Ngokuba iNdodana yomuntu iyinkosi yesabatha.”
UJesu Uphilisa Ngesabatha
(Mak. 3:1; Luk. 6:6)
9UJesu wasuka lapho, wangena esinagogeni labo. 10Kwakukhona umuntu owayenesandla esishwabene; bambuza bathi: “Kuvunyelwe yini ukuphilisa ngesabatha na?”
Babembuza nje ukuze bammangalele.
11 Ngakho-ke wathi kubo: “Ngubani kini othi enemvu eyodwa, bese iwela emgodini ngesabatha, ongeyibambe, ayikhiphe lapho na? 12Pho-ke umuntu uyedlula kangakanani imvu? Ngakho-ke kuvunyelwe ukwenza okuhle ngesabatha.”
13UJesu wayesethi kulowo muntu oshwabene isandla: “Yelula isandla sakho.”
Wayeseselula, saphila, safana nesinye. 14 AbaFarisi baphuma, bafakana imilomo ukuthi bangambhubhisa kanjani.
Inkeku
15Kepha uJesu ekwazi lokho wasuka lapho. Abaningi bamlandela, wabaphilisa bonke. 16Wabayalisisa ukuba bangakhulumi ngaye, 17ukuze kugcwaliseke okwashiwo ngo-Izaya umphrofethi, ukuthi:
18 “Nansi inceku yami engiyikhethileyo,
othandiweyo wami;
umphefumulo wami uyathokoza ngaye.
Ngiyakufaka uMoya wami kuye,
amemezele ukwahlulelwa kwabezizwe.
19Akayukudazisana namuntu inkani, akayukuklabalasa,
akekho oyakuzwa izwi lakhe emigwaqweni.
20Umhlanga ofecekileyo akayukuwaphula,
umongo othunqayo akayukuwucima,
aze aphumelelise ubulungiswa,
bunqobe.
21 Izizwe ziyakwethembela egameni lakhe.”
Isono Sokuhlambalaza
(Mak. 3:20; Luk. 11:14)
22 Kwase kulethwa kuye onamadimoni, eyimpumputhe futhi eyisimungulu; wamphulukisa, waze wabona, wakhuluma lo obeyisimungulu. 23Zonke izixuku zamangala kakhulu, zathi: “Lo akusiyo yini indodana kaDavide na?”
24 AbaFarisi bekuzwa lokhu, bathi: “Lo ukhipha amadimoni kuphela ngombusi wamadimoni, uBhelzebhule.”
25UJesu ekwazi abakucabangayo, wathi kubo: “Yilowo nalowo mbuso owehlukene wodwa uyachitheka, nalowo nalowo muzi noma yindlu eyehlukene yodwa ayiyukuma. 26Uma uSathane ekhipha uSathane, kusho ukuthi wehlukene yedwa. Pho umbuso wakhe uyakuma kanjani na? 27Uma Mina ngikhipha amadimoni ngoBhelzebhule, amadodana enu awakhipha ngobani na? Ngakho-ke yiwona ayakuba ngabehluleli benu. 28Kepha uma Mina ngikhipha amadimoni ngoMoya kaNkulunkulu, kusho ukuthi umbuso kaNkulunkulu usufikile kini.
29“Umuntu angangena kanjani endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engaqalanga ngokubopha isiqhwaga, andukuba aphange indlu yaso na?
30 “Ongahambisani nami, umelene nami; ongaqoqi nami, uyahlakaza. 31 Ngakho-ke ngithi kini: zonke izono zabantu nokuhlambalaza kuyakuthethelelwa, kodwa ohlambalaza uMoya akuyukuthethelelwa. 32 Yilowo nalowo oyakukhuluma izwi elimelene neNdodana yomuntu, uyakuthethelelwa; kodwa lowo oyakukhuluma izwi elimelene noMoya oNgcwele, akayukuthethelelwa kuleli lizwe nakwelizayo.
Umuthi Nesithelo Sawo
33 “Kuphakathi kokuba nithi umuthi muhle, nesithelo sawo sibe sihle; noma nithi mubi, nesithelo sawo sibe sibi; ngokuba umuthi waziwa ngesithelo sawo. 34 Nzalo yezinyoka, ningakukhuluma kanjani okuhle nibe nibabi na? Ngokuba umlomo ukhuluma okuchichima enhliziyweni. 35Umuntu omuhle ukhipha okuhle engcebeni yakhe enhle; nomuntu omubi ukhipha okubi engcebeni yakhe embi. 36Kepha ngithi kini: amazwi wonke ayize akhulunywa ngabantu, bayakulanda ngawo ngomhla wokwehlulelwa. 37Ngokuba uyakwehlulelwa ngamazwi akho, icala likuthethe, futhi uyakulahlwa ngamazwi akho.”
Abafuna Izibonakaliso
(Mak. 8:11; Luk. 11:29)
38 Kwase kuphendula abathile kuzazimthetho nakubaFarisi, bathi: “Mfundisi, sithanda ukuba usikhombise isibonakaliso esenziwa nguwe.”
39 Kepha waphendula, wathi kubo: “Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso, kodwa asiyukunikwa sibonakaliso, kuphela leso sikaJona, umphrofethi. 40 Njengalokhu uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu, kanjalo-ke neNdodana yomuntu iyakuba semathunjini omhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu. 41 Amadoda aseNineve ayakuma kanye nalesi sizukulwane ekwahlulelweni, asilahle ngecala, ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona. Lapha kukhona okukhulu kunoJona. 42 Indlovukazi yaseningizimu nayo iyakuma nalesi sizukulwane ekwahlulelweni, isilahle ngecala. Ngokuba yasuka emikhawulweni yomhlaba izolalela ukuhlakanipha kukaSolomoni. Lapha kukhona okukhulu kunoSolomoni.
Ukuphuma Nokubuya Komoya Ongcolileyo
43“Uma umoya ongcolileyo uphuma kumuntu, uyazula, udabule ezindaweni ezigagadekileyo, ufuna ukuphumula; kodwa ungakufumani. 44Bese uthi: ‘Ngizakubuyela endlini yami engaphuma kuyo.’ Usufikile, uyifumana ingenalutho, ishaneliwe futhi ihlotshisiwe. 45Uyahamba-ke, ulande eminye imimoya eyisikhombisa emibi ukwedlula wona; ingene ihlale kuyo. Isiphetho salowo muntu sibe sibi kunakuqala. Kuyakuba kanjalo-ke nakulesi sizukulwane esibi.”
Izihlobo Eziyizo ZikaJesu
(Mak. 3:31; Luk. 8:19)
46Kwathi uJesu esakhuluma nezixuku, unina nabafowabo bema ngaphandle befuna ukukhuluma naye. 47Omunye wathi kuye: “Kukhona unyoko nabafowenu abami ngaphandle, bafuna ukukhuluma nawe.”
48Kepha uJesu waphendula, wathi kuye: “Ngubani umame, nabafowethu bangobani na?”
49Welula isandla sakhe wakhomba abafundi bakhe, wathi: “Niyabona, nangu umame, nabafowethu. 50 Ngokuba yilowo nalowo owenza intando kaBaba osezulwini, ungumfowethu nodadewethu nomame.”

Okuqokiwe okwamanje:

NgokukaMathewu 12: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume