IZaga 10:1-16

IZaga 10:1-16 ZUL20

Nazi izaga zikaSolomoni: Indodana ehlakaniphileyo iyamthokozisa uyise, kodwa eyisiwula, iwusizi kunina. Ingcebo yenkohlakalo ayisizi ngalutho, kodwa ukuziphatha ngokulunga kukhulula ekufeni. USimakade akavumi ukuba olungileyo alambe, kepha ababi ubayeka babulawe yindlala. Isandla esidembeselayo siletha ubuphofu, kodwa esikhutheleyo siyacebisa. Obutha ehlobo uyindodana ehlakaniphileyo; olele ubuthongo ngesikhathi sokuvuna uyindodana ehlazisayo. Izibusiso zisekhanda lolungileyo, kodwa umlomo wezikhohlakali ufihla ubudlova. Ukukhunjulwa kolungileyo kuyisibusiso, kepha igama lezikhohlakali liyakubola. Ohlakaniphile ngenhliziyo uyayemukela imiyalelo, kodwa isiwula esiyiqhalaqhala, esiphafuza ubuwula, siyakubhujiswa. Ohamba ngobuqotho uhamba evikelekile, kodwa ohlanekezela izindlela zakhe, uyodaluleka. Ocifa iso udala usizi, kepha osola obala uletha ukuthula. Umlomo wolungileyo ungumthombo wokuphila, kepha umlomo wezikhohlakali ufihla ubudlova. Inzondo ibanga ingxabano, kodwa uthando lusibekela zonke iziphambeko. Ezindebeni zalowo ocubungulayo kufunyanwa ukuhlakanipha, kepha uswazi lungolomhlane walowo ongenangqondo. Ohlakaniphileyo uqongelela ulwazi, kodwa umlomo wesiwula uletha imbubhiso. Ingcebo yocebileyo iyinqaba yakhe, kodwa ubuphofu babampofu bungukubhubha. Umvuzo wolungileyo ungukuphila, kodwa inzuzo yezikhohlakali ingukujeziswa ngesono.

Funda IZaga 10