AMahubo 1

1
Incwadi Yokuqala
AMah. 1 – 41
Indlela Eya Ekuphileni
1Ubusisiwe umuntu
ongahambi ngeseluleko sababi,
ongemi endleleni yezoni,
ongabi mdibi munye nabaklolodayo,
2kodwa othokoza ngoMthetho kaSimakade,
azindle ngawo imini nobusuku.
3Ufana nesihlahla esitshalwe ngasemifuleni yamanzi,
esithela isithelo saso ngesikhathi esifaneleyo,
esimaqabunga aso angabuni.
Uyaphumelela kukho konke akwenzayo.
Indlela Eya Ekufeni
4Kepha abanjalo ababi,
kodwa bafana namakhoba apheshulwa ngumoya.
5Ngakho-ke ababi abanakuma ngosuku lokwehlulelwa,
nezoni, ebandleni labalungileyo.
6Ngokuba uSimakade uyayazi indlela yabalungileyo,
kepha indlela yababi iyakubhujiswa.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 1: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume