AMahubo 2
2
Ogcotshiweyo KaSimakade
1Kungani abezizwe benza ugobe,
nabantu beceba okuyize na?
2Amakhosi omhlaba ayazihlanganisa,
nababusi baceba icebo ngogcotshiweyo kaSimakade, bathi:
3“Asigqabule izibopho zabo,
silahle izintambo abasibophe ngazo,
zisuke kithi.”
4Yena ohlezi ezulwini uyahleka,
iNkosi iyababhuqa.
5Iyakukhuluma nabo ngentukuthelo yayo,
ibafake ingebhe ngolaka lwayo, ithi:
6“Mina ngiyibekile inkosi yami,
entabeni yami engcwele iZiyoni.”
7Ngizakulanda ngesinqumo sikaSimakade,
owathi kimi:
“Wena uyindodana yami;
namuhla ngikuzele.
8Cela kimi, ngikunike abezizwe
babe yifa lakho,
nemikhawulo yomhlaba ibe ngeyakho.
9Uyakubaphula ngentonga yensimbi,
ubaphihlize njengokhamba lombumbi.”
10Ngakho-ke hlakaniphani nina makhosi;
niyaleke nina babusi bomhlaba.
11Khonzani uSimakade ngokwesaba,
nithokoze ngokuthuthumela.
12Yangeni indodana, funa ithukuthele,
bese nibhubha endleleni,
ngokuba ulaka lwayo luvutha masinyane.
Kepha babusisiwe bonke
abaphephela kuyo.
Okuqokiwe okwamanje:
AMahubo 2: ZUL20
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.