Zivelaphi izimpi nokulwa phakathi kwenu na? Aziphumi yini lapha ezinkanukweni zenu ezilwa ezithweni zenu na? Niyafisa, ningabi nalutho; Niyacela, kepha anikwamukeli, ngokuba nicela kabi, ukuze nikusebenzise ezinkanukweni zenu. Ziphingi neziphingi, anazi yini ukuthi ubungane bezwe bungubutha kuNkulunkulu? ngakho loba ngubani othanda ukuba ngumngane welizwe uyisitha sikaNkulunkulu. Ingabe nithi umbhalo usho ngeze ukuthi: “UMoya ohlezi kithi uhahela umhawu na? Kodwa ubapha umusa owengeziwe. Ngalokho uthi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa. Ngakho zehliseleni kuNkulunkulu. Melanani noSathane, khona uyakunibalekela; Sondelani kuNkulunkulu, laye uzasondela kini. Hlambululani izandla nina zoni; nihlanze izinhliziyo zenu nina eninhliziyombili. Yibani lusizi, nilile, nikhale; ukuhleka kwenu makuphenduke ukulila, nokujabula kwenu kube ukudabuka. Zithobeni phambi kweNkosi, njalo izaliphakamisa.
Funda EkaJokobe 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: EkaJokobe 4:1-10
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo