Johane 14:15-31

Johane 14:15-31 CZB24

Uma ningithanda, gcinani imiyalo yami. Ngiyakucela kuBaba, aninike omunye uMduduzi, ukuze ahlale kini phakade; UMoya weqiniso; izwe elingemamukele, ngokuba lingamboni, lingamazi, kepha nina niyamazi; ngokuba uhlala nani, futhi ukini. Angiyikunishiya niyizintandane; ngiyakuza kini. Kuseyisikhashana izwe lingabe lisangibona; kodwa nina niyangibona, ngokuba ngiphila mina, nani nizakuphila. Ngalolo suku niyakukwazi nina ukuthi ngikuBaba, nani nikimi, nami ngikini. Onemiyalo yami, ayigcine, nguyena ongithandayo; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye. UJudasi ongesiye u-Iskariyothe wathi kuye: “Nkosi, kuza kanjani ukuba uzibonakalise kithi, ungazibonakalisi ezweni na? UJesu waphendula wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina amazwi ami, noBaba uyakumthanda; Ongangithandiyo akagcini amazwi ami; nezwi enilizwayo akusilo elami, kodwa ngelikaBaba ongithumileyo. Lezizinto ngizikhulume kini ngisenani. Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami uyakunifundisa zonke izinto, anikhumbuze konke enginitshele khona. Ukuthula ngikushiya kini, ukuthula kwami ngininika khona; angininiki njengokupha kwezwe. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi; Nizwile ukuthi ngithe kini: Ngiyamuka, futhi ngibuye ngize kini. Uma beningithanda, beniyakujabula, ngokuba ngithé: Ngiya kuBaba, ngokuba uBaba mkhulu kunami. Kalokhu nginitshelile kungakenzeki, ukuze, nxa sekwenzeka, nikholwe. Angisasayikukhuluma okuningi nani, ngokuba uyeza umbusi walumhlaba, kepha akanalutho kimi. Kodwa ukuze umhlaba wazi ukuthi ngiyamthanda uBaba; futhi njengoba uBaba engiyalile, kanjalo ngenza. Vukani, sisuke lapha.

Funda Johane 14