Amahubo 120

120
Amahubo 120
1Jehova, sindisa umphefumulo wami ezindebeni zenkohliso, nasolimini lwenkohliso (Ihubo.) Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, wangizwa.
2O Jehova, sindisa umphefumulo wami ezindebeni zenkohliso nasolimini lwenkohliso.
3Niyakuphiwa ngani na? Kuzakwenziwani kuwe, lulimi lwamanga?
4Imicibisholo ebukhali yamaqhawe namalahle ojunipha.
5Maye kimina, ngokuba ngigogobele kwaMesheki, ngihlala ematendeni akwaKedari!
6Umphefumulo wami uhlezi kade naye ozonda ukuthula.
7Mina ngingowokuthula, kepha lapho ngikhuluma, bona babe ngezokulwa.

Okuqokiwe okwamanje:

Amahubo 120: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume