Amahubo 121

121
Amahubo 121
Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni, usizo lwami luvelaphi na?
1(Ihubo.) Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni, usizo lwami luvelaphi na?
2Usizo lwami luvela kuJehova owenzile izulu nomhlaba.
3Kayikuvuma unyawo lwakho lukhubeke; yena okugadileyo akozeli.
4Bheka, oqapha u-Israyeli akozeli, akalali;
5UJehova unguMlindi wakho; uJehova uyisithunzi sakho ngakwesokunene sakho.
6Ilanga aliyikukushaya emini, nenyanga ebusuku.
7UJehova uyakukuvikela kukho konke okubi; Uzoqapha umphefumulo wakho.
8UJehova uyakulondoloza ukuphuma kwakho nokungena kwakho kusukela manje kuze kube phakade.

Okuqokiwe okwamanje:

Amahubo 121: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume