UJesu: Ibhanela Lethu LokunqobaIsampula

Jesus: Our Banner of Victory

USUKU 7 KWEZINGU- 7

Ukunqoba Ngaphezu Kokufa

Lapho uJesu efela izono zethu futhi ethenga intethelelo yethu, wasisindisa ekwehlukaneni kwaphakade noNkulunkulu. Wafaka esikhundleni sokungabi nathemba kokufa wabeka ithemba eliphilayo lekusasa eliphakade phambi kweNkosi. Futhi lapho evuka ethuneni, uJesu wabonisa ukunqoba Kwakhe kokugcina phezu kokufa, ebonisa ukuthi amandla ako awalutho uma eqhathaniswa nowakhe. KusAmbulo 1:18, Wamemezela, “Ngingophilayo; bengifile, manje bheka, ngiyaphila kuze kube phakade naphakade. Futhi nginezihluthulelo zokufa nezeHayidese.”

Nakuba ukufa kuyiqiniso elinzima kithi kulempilo, njengoba sizwa ubuhlungu bokulahlekelwa yilabo abasondelene nathi futhi ekugcineni kufanele sibhekane nokufa kwethu kwasemhlabeni, manje sesingaqiniswa yiqiniso lokuthi uJesu uphethe izihluthulelo zokufa, futhi wenze indlela yokuba sihambe ngomnyango ohlukile singene ekuphileni okuphakade. Ukufa emhlabeni akukona ukuphela kwendaba. Kuningi okuseza! UJesu wathembisa kuJohane 11:25, “Okholwa yimi, noma efa, wophila.”

Ngenxa yokuthi uJesu usisindisile ekufeni okungapheli, asikho isidingo sokuthi siphile impilo yethu ngokwesaba. Sikhululekile ukuba siphile izimpilo ezinesibindi, ezichichimayo, sazi kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani lapha emhlabeni, siyophila phakade ebukhoneni bukaNkulunkulu nasemphakathini womndeni Wakhe. Ngisho nalapho sililela abantu esibathandayo, siba lusizi ngethemba, sazi ukuthi uma bebeka ukholo lwabo kuJesu, siyohlanganiswa futhi sithole inkazimulo kaNkulunkulu ndawonye.

Kuleli Sonto lePhasika, vumela okushiwo ukunqoba kukaJesu phezu kokufa kungene enhliziyweni yakho futhi kushintshe umbono wakho usuke ebuthakathakeni bale mpilo uye ekuvikelekeni kwethu kwaphakade ezulwini. Ukufa akunantiyo ngempela! Gubha ukunqoba Kwakhe, ugcwale ukubonga, futhi ukhule ekukholweni kwakho ukuthi wonke umuntu emhlabeni udinga ukuba nethemba lezulu onalo. Leyo kwakuyinhliziyo Yakhe ekufeleni izono zaso sonke isintu: ukuthi kungabikho noyedwa wethu ongachitha ingunaphakade kude Naye. Ayikho indlela engcono yokubonisa ukubonga kwakho ngalokho Akwenzele khona kunokutshela umhlaba ngothando Lwakhe ngabo. Yile ndlela esenza ngayo ngokugcwele le mpilo. Ngakho phuma uye lapho futhi uphile ngokugcwele - ngoba Uyaphila! 

Landa isithombe sanamuhla lapha. 

Usuku 6

Mayelana naloluHlelo

Jesus: Our Banner of Victory

Uma sigubha iPhasika, sigubha ukunqoba okukhulu emlandweni. Ngokufa nokuvuka kukaJesu, wanqoba kuze kube phakade amandla esono nethuna, kanye nayo yonke imiphumela yako emibi, futhi wakhetha ukwabelana nathi ngalokho kunqoba. Kuleli sonto lePhasika, ake singene kwezinye zezinqaba azinqobile, sicabange ngempi asilwela yona, futhi simdumise njengeBhanesha lethu lokunqoba.

More

Sithanda ukubonga i Church of the Highlands ngokunikela ngaloluhlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele ku: https://www.churchofthehighlands.com