Ukujoveka Ekubeni Matasa: Ukululama Komphefumulo OjahileIsampula

Addicted To Busy: Recovery For The Rushed Soul

USUKU 4 KWEZINGU- 7

Isigqi sikaJesu Asinamthetho

Lapho sihoxa ekugcineni, singaba nesibindi eqinisweni lokuthi uJesu wabona kufanele ukuthi naye ahoxe. Ngokulandela okufanayo, nathi, singashiya ukuba matasa okukhona okuvame ukuqhuba izimpilo zethu; singabashiya “abantu abanezidingo” abasabisa ngokuthi bazosihlasela uma sihamba ngempela; singashiya izinto zokuxakeka sivuna ukuthula esikufuna kakhulu. Singenza zonke lezi zinto ngoba uJesu wazenza nangenxa yokuthi wayesibonisa indlela yokuphila. Izimbongi zithi wahoxa ukuze akhunjuzwe ngekhaya lakhe lasezulwini. Ngithi ukwenzele ukusikhombisa ukuthi injani impilo yesigqi, ukuze asibonise ukuthi ukuphumula kwaphezulu akusona isibopho kodwa kuyisimemo. Nokusikhombisa ukuthi kunjani ukuphendula ngo-yebo osuka enhliziyweni.

Kulapho engangiphuthe khona iphuzu, njengoba nje namaJuda osuku lukaJesu ayengaliqondi iphuzu. Ngaqala ukuhlela ukuphumula kwami, ngigcizelela ukuthi kufanele kuqale ngesikhathi esithile ngosuku oluthile, isonto ngalinye, nokuthi uma into ethile noma othile ephazamisa, lokho kuphambukiswa kuzolingana nokubhujiswa kwami. Ukuphumula kwami kwase kuphenduke inkosi yami, into okwakumele ngishweleze ngayo, funa ngife. Ujesu akakaze akubone ukuphumula ngale ndlela. Uyasikhumbula isimemezelo sakhe kuMarku 2:27?

KumaJuda ayelalele ngalolo suku, kumele ukuba kwangena ezinhliziyweni zawo ukwethuka. Bachithe izimpilo zabo zonke beziqondisa emithethweni nasezimisweni zokugcinwa kweSabatha. Wayesho ukuthini uJesu emhlabeni?

Ubengazami ukwedelela; wayekhuluma iqiniso. Babephuthelwe ngokuphelele iphuzu ngokuguqula ukuphumula kukaNkulunkulu kube uhlu lwezinto okufanele zenziwe. U-D. A. Carson wabhala:
Ukunikezwa komthetho weSabatha kwakungahloselwe ukuba kube umthwalo; empeleni iSabatha lalizobonisa ububele bukaNkulunkulu kubantu Bakhe, kanye nokugcizelela isimo sobungcwele Bakhe. Kodwa le nhloso yakhohlakala ekuzikhukhumezeni nasekuhlubukeni njengoba kwakukhula ubugqila nobusiko. Umqondo weqiniso womthetho weSabatha wamenyezelwa ngokuphindaphindiwe ngabaprofethi bakaNkulunkulu ababegcizelela ubuhlobo besivumelwano, kodwa abantu babengazimisele ukulalela.

UJesu wayengangeni emthethweni, okubonakala endleleni “ayesebenza” ngayo ngamaSabatha ahlukahlukene—ekha ukolweni, ephulukisa abantu abakhubazekile—nangendlela ayephumula ngayo lapho abantu becabanga ukuthi kufanele asebenze. Obekuhlale kuphawuleka kakhulu ngokuhoxa kukaJesu ngokuzithandela akukhona ukuthi waphumula kodwa lapho ekhetha ukuphumula. Wahoxa ukuze aphumule lapho abantu besamdinga futhi nalapho umphefumulo wakhe wawungase ulingeke ukuba uhlale. Ujesu akazange nje aphumule lapho kulindelekile ukuphumula; wabuye waphumula lapho esephezulu emsebenzini wakhe.

Usuku 3Usuku 5

Mayelana naloluHlelo

Addicted To Busy: Recovery For The Rushed Soul

Kulabo abahamba ngokushesha kakhulu empilweni, umhlahlandlela wokukusiza wehlise ijubane futhi uthole ukuphumula. Encwadini ethi Ekujovekeni ukuba matasa, uBrady Boyd usikhombisa ukuthi singaphila kanjani impilo ehlanganisa ukuthula nokuba sodwa, sithole ukuthula uNkulunkulu asifunela kona.

More

Sithanda ukubonga u-David C Cook ngokusihlinzeka ngalolu hlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: www.dccpromo.com/addicted_to_busy/