Okuningi Kokuncane: Umhlahlandlela Wezinto Ezincane Nenjabulo EyengeziweIsampula

The More of Less: A Guide to Less Stuff and More Joy

USUKU 11 KWEZINGU- 14

Izisusa Ezifihlekile

Ukufuna ukuzizwa uphephile, ukufuna ukuzizwa ujwayelekile phakathi kwabanye, ukufuna ukuzizwa sengathi sesifikile—zonke lezi zisusa zingokwemvelo. Akukho lutho olungalungile nganoma yikuphi kwazo. Kodwa uma sicabanga ukuthi ukwenza imali eningi nokuthenga izinto eziningi ngokweqile kuzosinika le miphumela, cishe sihlala sidumala. 

Ukuvikeleka, ukwamukela, kanye nokwaneliseka akuzona kuphela izisusa ezifihliwe ezingase zikuqhubele ekubeni uthenge kakhulu. Uma ususa izinto ezingadingekile, izisusa ezengeziwe ezingenampilo zizoqala ukuvela. Kungase kube nzima ngokomzwelo ukudalula, kodwa kubalulekile ukuba wenze kanjalo. Abanye abantu bathenga okungaphezu kwalokho okufanele bathenge ngoba benomuzwa wokungafaneleki futhi bazama ukukunxephezela ngokunqwabelanisa. Abanye banomona ngabangani noma abantu ababajwayele futhi bazama ukuhambisana nabo. Futhi cishe sonke sinobugovu. 

Kudingeka siqaphele ukuthi yini engaphakathi kithi eqhuba izinqumo zethu zokuthenga, ngoba kungaleso sikhathi kuphela lapho singaphuca khona ukuthanda izinto ezibonakalayo amandla ako okusiphazamisa kulokho okungasilethela injabulo nenjongo yangempela. 

Futhi, akukhona ukuthi izinto ezifana nokuvikeleka, ukwamukela, nokwaneliseka kumbi. Ukuthi nje izinto ezibonakalayo zinamandla alinganiselwe okwanelisa lezo zidingo. Kungakho sidinga ukushintsha izisusa zethu zemvelo: 
• Esikhundleni sokufuna ukuvikeleka ekuthengeni izinto eziningi, kufune ebudlelwaneni bothando nabanye abantu. 
• Esikhundleni sokuzama ukuzuza ukwamukelwa abanye ngokuba nezinto ezifanayo abanazo, bhala kabusha incazelo yakho yokuthi impumelelo ibukeka kanjani kuwe. 
• Esikhundleni sokujaha ukwaneliseka ngokwengeza ezintweni zakho, ukwaneliseka makufike kuwe ngokwazisa lokho onakho nokupha lokho ongakudingi. 

Impi yokulawula izisusa zethu ayipheli. Ngisho noma ngabe kade siphishekela ukukhuculula, ukuthanda izinto ezibonakalayo kusengabamba izinhliziyo zethu. Noma nini lapho ikusebebnzela khona, isebenzise ukuze uvule izisusa zakho ezifihliwe, futhi uqondise kabusha lezo zisusa ukuze uthole injabulo oyifunayo ngempela, hhayi isithembiso semali nempahla yenjabulo yamanga. 

Ucabanga ukuthi yini ekushukumisela ukuba uthenge noma ugcine izinto eziningi kakhulu? Iyiphi enye indlela ongalawula ngayo ukugqugquzela kwakho?

Usuku 10Usuku 12

Mayelana naloluHlelo

The More of Less: A Guide to Less Stuff and More Joy

ImiBhalo ithi izindinganiso zikaNkulunkulu zihlukile kwezezwe. Lokhu kubonakala endabeni yengcebo nemfuyo. “Uma unokuningi, kuba ngcono!” umhlaba uyamemeza. UNkulunkulu uyahleba, “Nganele. Ungafuni injabulo noma ukulondeka kunoma yini enye. Uzoneliseka kakhulu ngokuba nokuncane.” Ukukhuculula, isenzo sokuba nokuncane ngenhloso esimayelana nokuqeda imfuhlumfuhlu. Kunikeza indlela yokuthuthukisa impilo yethu ngaphansi kukaNkulunkulu.

More

Sithanda ukubonga uJoshua Becker no WaterBrook & Multnomah ngokusihlinzeka ngalolu hlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://bit.ly/1TMUKLi