Ubizo Oluphuthumayo LokuthandazaIsampula
UNkulunkulu uwafakile Amandla akhe kithina
UNkulunkulu uyayilalela imithandazo yethu. Uyasizwa. Abanye bethu kungenzeka ukuthi banenkinga ngesikhathi sezimpendulo - kodwa Yena ulalele. Ningadinwa emikhulekweni yenu. Ku-2 IziKronike 7:14, uthembisa ukuthi uma sizithoba futhi simbiza, uzozwa eseZulwini futhi aphilise izwe lethu. UMose waphakamisa izandla zakhe edumisa futhi ethandaza, futhi ibutho lanqoba. UNkulunkulu wanyakazisa iZulu nomhlaba elalele umkhuleko kaMose. Lapho senza lokho uNkulunkulu asibiza ukuba sikwenze (ukudumisa nokuthandaza), futhi sikwenza lokho asitshela ukuba sikwenze, amandla kaNkulunkulu afakwe kithi ukuze inkazimulo Yakhe igcwalise izinjongo Zakhe. Kudingeka sithembeke ekwenzeni lokho uNkulunkulu asibizele kona. UBaba wethu waseZulwini uthumele uMoya Wakhe oNgcwele ukuba ube nathi futhi ube kithi. Ufakile amandla akhe kithi. Usinike igunya lokuthandaza egameni likaJesu. UNkulunkulu usibize ngamunye ukuba sikhulume imithandazo esezinhliziyweni nasezingqondweni zethu. Ulalele. Usinike uMoya wakhe oNgcwele ozosinika amandla okwenza intando kaNkulunkulu lapha emhlabeni.Uma ungazi ukuthi ungaqala kuphi uma uthandaza - ungazama lezi ZENZO. Ukudumisa (khuluma kuNkulunkulu ngothando lwakho kanye nokumdumisa kuye) bese Uvuma (ukuvuma phambi kukaNkulunkulu noma yini Odinga ilunge phakathi kwakho naye, Ukubonga noku-Nxusa (ukuzikhulumela wena noma abanye). Ngesikhathi uMose no-Aroni benza lokhu, u-Israyeli wanqoba.Ungalindi ukuthi isimo sizishintshele. Yisikhathi sokuthi siguqe ngamadolo sithandaze ngoba uNkulunkulu ubekile uMoya wakhe ngaphakathi kwethu.Memezela izwi Lakhe. Uzowavumela amandla Akhe ukuthi asebenze ngawe?
Mayelana naloluHlelo
Sithandaza kanjani lapho sibhekene nesikhathi esinzima? Akusona isikhathi sokuhlehlela futhi sidebeselele impilo yethu yomkhuleko. Eqinisweni, izikhathi ezinzima ziwubizo oluphuthumayo lokuthandaza kakhulu. Nazi izindlela ezinye eziwusizo ekutheni singancika kanjani empilweni yethu yomkhuleko lapho sibhekene nesikhathi esinzima. UNkulunkulu wethu ubiza abantu bakhe ukuba bazithobe futhi bathandaze. Uthembisile ukuthi uzosizwa futhi aphilise izwe lethu. Njengoba isikhathi sikaJesu sokubuya sisondela, ingabe uyobathola abantu Bakhe beguqe bethandaza?
More
Sithanda ukubonga u- Challenge Ministries ngokuhlinzeka ngalolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://www.cmswazi.org/