Nika uNkulunkulu indawo yokuqalaIsampula

Nika uNkulunkulu indawo yokuqala

USUKU 4 KWEZINGU- 5

Ukunqoba Izimpi Zokuphila Ngosizo LukaNkulunkulu

Kunempi yempilo yonke ebekiwe ezimpilweni zethu. Ngakolunye uhlangothi ithonya laleso simo esidala sesono - lezo zindlelaezindala ezibeleselayo, izilingo nezono obekunzima ukuthi sizinqobe. Ngokuhamba kwesikhathi njengoba sikhula ekuhambeni kwethu noNkulunkulu, ithonya lesimo sesono liya liba buthaka. Ngakolunye uhlangothi ithonya elikhulayo lobukhona bukaMoya oNgcwele ezimpilweni zethu. Lena imimoya emibili aphikisanayo njengoba kuchazwe kwabaseGalathiya:

“Ngakho ngithi: Hambani ngoMoya, khona aniyikufeza izinkanuko zenyama. Ngokuba inyama ikhanuka okuphambene noMoya, kepha uMoya ukhanuka okuphambene nemvelo yesono. Baxabene, ukuze nina ningakwenzi enikuthandayo.” KwabaseGalathiya 5:16-17

IZwi likaNkulunkulu lisikhuthaza ukuba ‘siphile ngoMoya. Ngamanye amazwi, kufanele sivumele amandla kaMoya oNgcwele ukuba anqobe ithonya lesimo sesono ezimpilweni zethu.

Izikhathi eziningi, lokhu kulula ukukusho kunokukwenza. Ukuba kwethu nesono kusishukumisela ukuba senze izinqumo zokwanelisa izifiso zobugovu. Lokhu kubizwa ngokuthi isilingo, futhi uJakobe ukuchaza kanje:

Lapho nilingwa, akekho okufanele athi, “UNkulunkulu uyangilinga.” Ngokuba uNkulunkulu akanakukulinga ngokubi, futhi akalingi muntu; kodwa yilowo nalowo uyengwa lapho ehudulwa futhi ehungwa ngesifiso sakhe siqu.” UJakobe 1:13-14

Kuze kube yilapho sekwenziwa isinqumo ngathi sokuwela esilingweni lapho kuba yisono.

“Khona-ke, ngemva kokuba isifiso sesikhulelwe, sizala isono; nesono lapho sesikhulile, sizala ukufa.” UJakobe 1:15

Ngokumangalisayo nokho, njengengxenye yothando olujulile lukaNkulunkulu nomusa odluliselwa kuwo wonke amaKristu, uNkulunkulu uyasithethelela futhi asihlanze kuzo zonke izono zethu. Sixolelwe ngokuphelele 100%.

“Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlanze kukho konke ukungalungi.” 1 kaJohane 1:9

Kodwa kusenengozi ekuvumeleni isono ukuba singanakwa. Nakuba uNkulunkulu esithethelela futhi esihlanza, akayisusi ngempela indlela ebhubhisayo yemiphumela nezimo isono esisishiya naso. Nakuba uNkulunkulu eyosisiza njalo ezikhathini ezinzima, ngisho nalapho zilethwa izinqumo zethu, into engcono thina esingayenza ukuzama konke ukuthi sigweme ukwenza lezo zinqumo kwasekuqaleni.

I KwabaseKorinte ichaza izinto ezimbili ezibalulekile ekubhekaneni ngokuphumelelayo nesilingo nesono:

“Asikho isilingo esinificile ngaphandle kwalokho okuvamile kumuntu. Futhi uNkulunkulu uthembekile; akayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwalokho eningakuthwala. Kodwa lapho nilingwa, uyoninika indlela yokuphuma ukuze nime ngaphansi kwaso.” 1 kwabaseKorinte 10:13

Okokuqala ukuthi asisodwa emzabalazweni wethu. Kufanele wazi ukuthi akhona amanye amaKristu, akukhathalisekile ukuthi izinsuku ezingu-30 noma iminyaka engu-30 ekuhambeni kwabo noNkulunkulu, asashikashikana nesono nezilingo ezivamile kwesakho.

Okwesibili, ukuthi uNkulunkulu ngeke avumele ukuba silingwe ngaphezu kwephuzu lapho singakwazi khona ukwenza isinqumo sokugwema isono. Uyohlale enikeza indlela yokuphunyuka. Umsebenzi wethu, noma uyinselele kangakanani, uwukuthola leyo ndlela phakathi kwesilingo sethu.

Ingxenye elandelayo inikeza isu elisekelwe eBhayibhelini lokubhekana ngokuphumelelayo nesono nesilingo. Ukwenza lolu hlelo lokusebenza kungenye indlela yokubeka uNkulunkulu abe ngowokuqala ekuphileni kwakho!

Usuku 3Usuku 5

Mayelana naloluHlelo

Nika uNkulunkulu indawo yokuqala

Ukunikeza uNkulunkulu indawo yokuqala ekuphileni kwethu akuyona into eyenzeka kanye nje . . . kuyinqubo yempilo yonke yawo wonke umKristu. Noma ngabe umusha okholweni noma umlandeli kaKristu “umakadebona”, uzothola lolu hlelo lulula ukuliqonda nokulisebenzisa, futhi likusebenzela kakhulu ekubeni Umkrestu ozonqoba.

More

Sithanda ukubonga u- Twenty20 Faith, Inc. ngokuhlinzeka ngalolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://www.twenty20faith.org/