U-Eksodusi 16:1-3

U-Eksodusi 16:1-3 ZUL59

Basuka e-Elimi; ibandla lonke labantwana bakwa-Israyeli lafika ehlane laseSini eliphakathi kwe-Elimi neSinayi ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesibili emva kokuphuma ezweni laseGibithe. Lonke ibandla labantwana bakwa-Israyeli lakhonona ngoMose nango-Aroni ehlane. Abantwana bakwa-Israyeli bathi kubo: “Sengathi nga safa ngesandla sikaJehova ezweni laseGibithe, lapho sasihlezi ngasemakhanzini enyama, sidla isinkwa sisutha, ngokuba nisiphumisele kuleli hlane ukuyobulala lonke leli bandla ngendlala.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne U-Eksodusi 16:1-3