UEksodusi 16:1-3

UEksodusi 16:1-3 CZB24

Basuka e-Elimi, inhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli yafika ehlane laseSini eliphakathi kwe-Elimi neSinayi ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesibili emva kokuphuma kwabo ezweni laseGibithe. Yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli yakhonona ngoMose no-Aroni ehlane. Abantwana bakwa-Israyeli bathi kubo: “Sengathi safa ngesandla sikaJehova ezweni laseGibithe, sihlezi ngasemakhanzini enyama, sidla inala yesinkwa; ngoba nisikhiphise kuleli hlane ukuba nibulale lonke leli bandla ngendlala.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne UEksodusi 16:1-3