UJoshuwa 1:1-9

UJoshuwa 1:1-9 ZUL59

Kwathi emva kokufa kukaMose inceku kaJehova, uJehova wakhuluma kuJoshuwa indodana kaNuni, isikhonzi sikaMose, wathi: “UMose inceku yami ufile; ngalokho suka uwele leli Jordani, wena nalaba bantu bonke, niye ezweni engibanika lona abantwana bakwa-Israyeli. Zonke izindawo ayakunyathela kuzo amathe onyawo lwenu ngininikile zona, njengalokho ngakhuluma kuMose. Kusukela ehlane nakuleli Lebanoni kuze kufike emfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe, lonke izwe lamaHeti, nakuze kube seLwandle Olukhulu ngasentshonalanga, kuyakuba ngumkhawulo wenu. Akuyikubakho muntu ongema phambi kwakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho; njengalokho nganginaye uMose, kanjalo ngiyakuba nawe; angiyikukuyeka, angiyikukushiya. “Qina, ume isibindi, ngokuba uyakwenza ukuba laba bantu badle izwe engalifungela oyise ukubanika lona. Qina kuphela, ume isibindi kakhulu, uqaphele ukwenza ngokomthetho wonke akuyala ngawo uMose inceku yami, ungaphambuki kuwo ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ukuba ube nempumelelo nomaphi lapho uya khona. Le ncwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho, kepha wozindla ngayo imini nobusuku ukuba uqaphele ukwenza njengakho konke okulotshwe kuyo, ngokuba lapho uyakuhlahlamelisa indlela yakho, uphumelele kahle. Angikuyalile na? Qina, ume isibindi, ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.”