UJoshuwa 1:1-9

UJoshuwa 1:1-9 ZUL20

Emveni kokufa kukaMose, inceku kaSimakade, uSimakade wakhuluma kuJoshuwa, indodana kaNuni inceku kaMose, wathi: “Inceku yami uMose ifile, ngakho-ke suka uwele iJordani, wena nabo bonke laba bantu, ningene ezweni engizakubabela lona abantu bakwa-Israyeli. Yonke indawo lapho nibeke khona unyawo lwenu, leyo ndawo ngiyakuninika yona njengalokhu ngishilo kuMose. Kusukela eLebhanoni kuze kube semfuleni omkhulu, umfula iYufrathe, lonke izwe lamaHithi kuze kuyofinyelela olwandle entshonalanga, kuyakuba yizwe lenu. Akuyukuba bikho muntu oyoma phambi kwakho, zonke izinsuku zokuphila kwakho; njengoba nganginaye uMose, ngiyakuba nawe kanjalo, angiyukukuyeka, futhi angiyukukushiya. Qina, ume isibindi, ngokuba nguwena oyokwenza laba bantu badle izwe engafunga koyisemkhulu ukubanika lona. Qina kuphela, ube nesibindi kakhulu, uqaphele ukwenza njengokomthetho wonke inceku yami uMose akuyala ngawo. Ungachezuki nakancane kuwo, uye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze ube nempumelelo noma kuphi lapho uya khona. Le ncwadi yomthetho ayiyukusuka emlonyeni wakho; uyakuzindla ngayo imini nobusuku, ukuze uqikelele ukwenza njengakho konke okulotshwe kuyo. Ngokwenzenjalo uyokwenza indlela yakho ichume, ube nenqubekelaphambili. Ngiyakuyala manje: qina, ume isibindi; ungesabi, ungadikibali, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho unawe noma kuphi lapho uya khona.”