UJoshuwa 1:1-9

UJoshuwa 1:1-9 CZB24

Kwathi emva kokufa kukaMose inceku kaJehova, uJehova wakhuluma kuJoshuwa, indodana kaNuni, inceku kaMose, wathi: Inceku yami uMose ifile; Suka manje, uwele leli Jordani, wena nabo bonke laba bantu, niye ezweni engizabanika lona abantwana bakwa-Israyeli. Zonke izindawo ayakunyathela kuzo amathe onyawo lwenu, ngininikile zona, njengalokho ngasho kuMose. Kusukela ehlane nakuleli Lebanoni kuze kufike emfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe, lonke izwe lamaHeti, kuze kube seLwandle Olukhulu ekushoneni kwelanga, kuyakuba ngumkhawulo wenu. Akuyikuma muntu phambi kwakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho; njengalokho nganginaye uMose, kanjalo ngiyakuba nawe; angiyikukushiya, angiyikukushiya. Qina, ume isibindi, ngokuba laba bantu uyakubanika izwe engalifungela oyise ukubanika lona libe yifa labo. Qina kuphela, ube nesibindi kakhulu, ukuze wenze ngokucophelela ngokomthetho wonke uMose, inceku yami, akuyala ngawo: ungaphambuki kuwo uye kwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze ube nempumelelo nomaphi lapho uya khona. Le ncwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho; kodwa wozindla ngayo imini nobusuku, ukuze wenze ngokucophelela njengakho konke okulotshwe kuyo; Angililayanga yini? Qina, ume isibindi; ungesabi, ungapheli amandla, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.