Ukuza: Uhambo lukaKhisimusiIsampula

Advent: The Journey to Christmas

USUKU 15 KWEZINGU- 25

UNkulunkulu Akakude

Ephusheni likaJosefa, ingelosi yaveza ukuthi ukuzalwa kukaJesu kwakuyogcwalisa isiphrofetho seminyaka eminingi yaphambilini nokuphela kokuhlukana phakathi kukaNkulunkulu nomuntu okwenziwa isono engadini yaseEdeni. UJosefa wafunda ukuthi uJesu wayeyokuba “uNkulunkulu unathi.” Kungabalula kangakanani ukukhohlwa ileliqiniso!

Uma sifunda kuEksodusi, ngaphambi kokuzalwa kukaJesu, sithola ukuthi uMozisi kwafuneka alinde uNkulunkulu ukuthi akhulume naye entabeni noma esihlahleni esivuthayo. Ngalesosikhathi, abantu babengenandlela yokuba nobudlelwano obujulile noNkulunkulu. Kwesinye isikhathi, kungabalula ukuthi ubuyele kulendlela yokukhuluma noNkulunkulu. Kukangakanani sicela uNkulunkulu isihlahla esivuthayo, sifisa okuzwakalayo, okuthintekayo okuyisibonakaliso noma izwi elivela kuYe? Noma singamaKristu, singaqala ukukholwa ukuthi uNkulunkulu ukude uma silinde ukumuzwa.

Kumele sikhumbule ukuthi uJesu wenza ukubuyisana phakathi kwethu noNkulunkulu. Uyimpendulo kaNkulunkulu kithi uma sifuna ukubona isihlahla esivuthayo noma sifuna ukuthuluma naYe entabeni. Asikhonzi uNkulunkulu okude ongafuni ukukhuluma nathi. UJesu wabuyisela ubudlelwane bethu naYe wenza indlela ukuthi sikwazi ukuya kuYe ngesibindi.

KuloKhisimusi, khuthazeka ekwazini ukuthi uNkulunkulu unawe. Uyayizwa imithandazo yakho, ume nawe. Uma uNkulunkulu engalungisa ubudlelwane bakho naYe, cabanga ukuthi angenzani ezimpilweni zethu, enzela thina!

Umkhuleko: Baba, ngibonga ngesipho esinguJesu, ukuthi wenza indlela yokubuyisana naWe futhi. Ngiyabonga ngokufuna ubudlelwane name kangangokuthi waletha iNdodana yakho eyodwa ukuthi izongifela. Baba, ngiphe isibindi ukukufuna emkhulekweni nasendumisweni, ngazi ukuthi ngingeza kuwe ngoJesu. Ngiyabonga ngokungipha isibindi ukuthi unami, nokuthi angingedwa nanini.

Download-a isithombe sanamhlanje here.

Usuku 14Usuku 16

Mayelana naloluHlelo

Advent: The Journey to Christmas

UKhisimusi ngeqiniso uyindaba enkulu kunazo zonke: indaba yokwethembeka kukaNkulunkulu, amandla, insindiso, nothando olungapheliyo. Asithatheni uhambo kulezinsuku ezilandelayo ezi-25 ukuthi sizwe ngohlelo lukaNkulunkulu lokusindisa izwe esonweni nezethembiso ezafezwa ngokuzalwa kweNdodana Yakhe.

More

Sithanda ukubonga i Church of the Highlands ngokunikela ngaloluhlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele ku: https://www.churchofthehighlands.com/