Ukuza: Uhambo lukaKhisimusiIsampula

Advent: The Journey to Christmas

USUKU 25 KWEZINGU- 25

Ukukhanya Kufikile

UKhisimusi ufikile! Sekuyisikhathi sokubungaza ukuzalwa koMsindisi wethu, uJesu Kristu — Ukukhanya Kwezwe!

Esenzweni sokuqala seNdalo kuGenesise, uNkulunkulu wakhuluma ukukhanya futhi kwahlukaniswa ngokushesha nobumnyama. Kodwa akubanga isikhathi eside ngaphambi kokuba u-Adamu no-Eva bakhethe ukona, nobukhona bukaNkulunkulu, ukukhanya Kwakhe, kwahlukaniswa nomuntu. Ngaleso sikhathi, indaba yokuhlengwa kwafanele ibhalwe: Isidingo sokukhanya ukuze kukhanye ebumnyameni akubanga nje ubusuku nemini, kepha kwaba ngukuphila nokufa. Isifiso esikhulu sikaNkulunkulu kwakuwukuba nobuhlobo nathi, ngakho-ke wathumela ukukhanya ukuze kusikhiphe ebumnyameni bethu futhi sibuyele kuye.

Lo nguKhisimusi: “Lowo ongukukhanya kweqiniso, okhanyisela wonke umuntu, wayeza emhlabeni!”

Indodana kaNkulunkulu yazalwa ukuze kuthi ngokuthethelelwa kwesono, sibuyisane Naye. Ukwehlukaniswa okwakusigcine ebumnyameni kwehlulwa ukukhanya kukaJesu. UJesu wathi, “Ngingukukhanya kwezwe; ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa uyakuba nokukhanya kokuphila.”

Akunandaba ukuthi ukuphi namuhla, futhi noma ngabe wenzeni, uMsindisi womhlaba ufikile! Efikela wena! Vumela ukukhanya kwakhe kukhanye kuzo zonke izindawo ezimnyama zempilo yakho futhi kubuyise okulahlekile ebumnyameni. Ukukhanya kulapha, futhi umemezele ukuthi akudingeki uphinde uhambe ebumnyameni. Thola uthando Lwakhe nokuzwa uKhisimusi ngendlela engakaze yenzeke ngaphambili!

Umthandazo: Baba, ngiyabonga ngokulungiselela indlela kusukela ekuqaleni kwesikhathi yokuthi siphinde sisondele kuwe futhi. Ngiyabonga ngokuthumela iNdodana yakho ukuba izalwe, futhi ife, ukuze ngiphile! Namuhla, njengoba ngigubha uKhisimusi, ngisize ngibe nokwazisa okujulile ngothando Lwakho kimi nokuKhanya okulethe empilweni yami. Ngiyakudumisa ngokwenza kube lula ukuthi ngingaphinde ngihambe ebumnyameni!

Download-a isithombe sanamuhla lapha.

Usuku 24

Mayelana naloluHlelo

Advent: The Journey to Christmas

UKhisimusi ngeqiniso uyindaba enkulu kunazo zonke: indaba yokwethembeka kukaNkulunkulu, amandla, insindiso, nothando olungapheliyo. Asithatheni uhambo kulezinsuku ezilandelayo ezi-25 ukuthi sizwe ngohlelo lukaNkulunkulu lokusindisa izwe esonweni nezethembiso ezafezwa ngokuzalwa kweNdodana Yakhe.

More

Sithanda ukubonga i Church of the Highlands ngokunikela ngaloluhlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele ku: https://www.churchofthehighlands.com/