Ukuza: Uhambo lukaKhisimusiIsampula

Advent: The Journey to Christmas

USUKU 21 KWEZINGU- 25

Ukulinda Kufanele

NgokukaLukha 2:25-32 sizwa indaba kaSimeyoni, indoda eyayithole isithembiso esivela kuNkulunkulu sokuthi izobona uMesiya ngaphambi kokuba idlule emhlabeni. USimeyoni waphila impilo yakhe yonke elindele uNkulunkulu ukuthi agcwalise lesi sithembiso, futhi angasifundisa okuthile ngokubekezela. Umbhalo uthi uSimeyoni "wayelungile futhi ezinikele. . . noMoya oNgcwele wayephezu kwakhe. ” Kakhulu, kangangokuthi washukunyiswa nguMoya ukuthi ahambele amagceke ethempeli, kanjalo kwakusegcekeni lethempeli lapho isithembiso sikaNkulunkulu sagcwaliseka khona. Wahlangana noMariya noJosefa wagona uJesu ezandleni zakhe. Ngaleso sikhathi, ukulinda impilo yonke yesithembiso sikaNkulunkulu kwamgculisa.

Cabanga ubamba isibonakaliso sokwethembeka kukaNkulunkulu ezandleni zakho. ULuka wabhala ukuthi uSimeyoni wamgona uJesu “wadumisa uNkulunkulu.” Asazi noma uSimeyoni wakhala noma wasina, kodwa uma uzibeka ezicathulweni zakhe, impendulo yakho kungenzeka ifane neyakhe. Akukho okunye ukusabela obekungafaneleka njengokudumisa!

Ungapheli amandla uma ubambe isithembiso esivela kuNkulunkulu salokho okubonakala kuthatha isikhathie. Uthembekile, futhi isikhathi Sakhe siphelele. Ukuthi isethembiso sakho sigcwaliseka emasontweni ambalwa noma ngemuva kwesikhathi eside, umphumela ufanele ukulindwa.

Umthandazo: Baba, ngiyakudumisa ngoba uthembekile! Ngiyazi ukuthi Uthembekile futhi izithembiso zakho kimi ziyiqiniso. Ngeke ngiyeke ukukholelwa ezithembisweni zaKho, futhi ngilinde ngabomvu usuku engizibona zigcwaliseka ngalo. Ngiyazi ukuthi isikhathi sakho siphelele. Ngizohlala ngithembekile Kuwe njengoba ngilindile, futhi ngikudumisa kusengaphambili ngokufezeka kwezithembiso Zakho!

Download-a isithombe sanamuhla lapha.

Usuku 20Usuku 22

Mayelana naloluHlelo

Advent: The Journey to Christmas

UKhisimusi ngeqiniso uyindaba enkulu kunazo zonke: indaba yokwethembeka kukaNkulunkulu, amandla, insindiso, nothando olungapheliyo. Asithatheni uhambo kulezinsuku ezilandelayo ezi-25 ukuthi sizwe ngohlelo lukaNkulunkulu lokusindisa izwe esonweni nezethembiso ezafezwa ngokuzalwa kweNdodana Yakhe.

More

Sithanda ukubonga i Church of the Highlands ngokunikela ngaloluhlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele ku: https://www.churchofthehighlands.com/