Ukuza: Uhambo lukaKhisimusiIsampula

Advent: The Journey to Christmas

USUKU 22 KWEZINGU- 25

Inhliziyo KaNkulunkulu Yomhlaba Wonke

Izazi zazaziwa njengezazi zezinkanyezi, okuchaza ukuthi kungani uNkulunkulu asebenzisa inkanyezi ukubaholela kuJesu. Wayazi ukuthi wayengabathola kanjani. Njengabafundi bezinkanyezi, kungenzeka ukuthi abahlakaniphileyo esibafaka emidlalweni yethu ngoKhisimusi babengabathakathi ababehumusha amabika nezimpawu ukuze bathole amandla. Kunemibono eminingi ngobuzwe nangemvelaphi yala madoda avela eMpumalanga, kodwa kunento eyodwa esiyaziyo ngokuqinisekile: Babengewona amaJuda. Babengabezizwe.

Kwaphela amakhulu eminyaka, abantu babecabanga ukuthi uMsindisi wayeza ngqo ukuzokhulula amaJuda, abantu bakaNkulunkulu abakhethiwe. Ukucabanga okunengqondo, ngoba babehlala behlushwa izizwe ezizungezile zabeZizwe ezazikhonza onkulunkulu bamanga. Uma uNkulunkulu Oyedwa Weqiniso wayeza emhlabeni ukuzomisa uMbuso waKhe ongunaphakade, impela kwakungokwenzelwa amaJuda.

Kepha lapho uNkulunkulu embula ukubaluleka kokuzalwa kukaJesu kwizazi, sithola umbono wethu wokuqala ophathekayo wesifiso Sakhe sokubuyisana nomhlaba wonke, kungakhathalekile imvelaphi yethu noma ukujula kokukhohlakala. Lona ngumzuzu obalulekile, ikakhulukazi kulabo abangebona abokuzalwa bamaJuda. UJesu wazalwa ngohlu lozalo lwamaJuda olumsulwa futhi weza ukuzokhulula labo ayebakhethe kwasekuqaleni, Weza futhi ukuletha bonke abantu ebudlelwaneni noMdali wabo.

Izenzo 15, umphostoli uPawulu uyavuma ukuthi uMoya oNgcwele awusehlukanisi phakathi kwamaJuda nabeZizwe. Noma ngubani okholwa kuJesu usebe ngumntwana kaNkulunkulu okhethiwe. UPaul uyaqhubeka kwabaseKolose 3, ethi, "Lapha akukho mGreki nomJuda, abasokile nabangasokile, owezizwe, umSkithe, isigqila, okhululekile; kepha uKristu uyikho konke, ukubo bonke." UJesu wakwenza kwacaca kuKhomishini Enkulu ukuthi ufisa ukuthi zonke izizwe zimazi. Inhliziyo yakhe isemhlabeni!

Umthandazo: Jesu, ngiyabonga ngokuza kwakho uzosindisa umhlaba owakudela isikhathi eside. Ngiyabonga ngokufuna ubudlelwano nami ngenkathi ngingalungile ngokuphelele futhi ngihlukanisiwe Nawe. Ngiyazi ukuthi Uthanda umhlaba wonke, futhi ngifuna ukuba yizandla nezinyawo zaKho ngiqhubeke nokufinyelela kulabo abakude naWe. Ngisebenzise ukuyisa uthando lwakho ezizweni.

Download-a isithombe sanamuhla lapha.

Sources: https://www.christianitytoday.com/history/2016/december/magi-wise-men-or-kings-its-complicated.html
Usuku 21Usuku 23

Mayelana naloluHlelo

Advent: The Journey to Christmas

UKhisimusi ngeqiniso uyindaba enkulu kunazo zonke: indaba yokwethembeka kukaNkulunkulu, amandla, insindiso, nothando olungapheliyo. Asithatheni uhambo kulezinsuku ezilandelayo ezi-25 ukuthi sizwe ngohlelo lukaNkulunkulu lokusindisa izwe esonweni nezethembiso ezafezwa ngokuzalwa kweNdodana Yakhe.

More

Sithanda ukubonga i Church of the Highlands ngokunikela ngaloluhlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele ku: https://www.churchofthehighlands.com/