Ukuza: Uhambo lukaKhisimusiIsampula
Ibhizinisi Lokwenza Ngaphezulu
Ngenxa yesiphrofetho, amaJuda ayelindele uMsindisiamakhulu eminyaka, futhi babelindele inkosi yasebukhosini oeyayiyobakhulula imise umbuso wasemhlabeni. Cabanga ukuthi bathuka futhi abakholwanga kangakanani uma betshelwa ukuthi umsindisi wabo wazalelwa emkhonjeni eBethelhema emndenini ophansi, idolobha elaliphansi. Okwatholwa amaJuda akuzange kubajabulise ngokulindela kwabo.
Kodwa uNkulunkulu akekho ebhizinisini lokuhlangabeza esikulindele. Usebhizinisini lokwenza ngaphezulu. UJesu ungumzekelo wakhe wobuhle. NgoJesu, uNkulunkulu wahlangabezana nezidingo zamaJuda kodwa ababonanga kanjalo. Wabanika okuningi kunengcebo ephelayo yombuso wasemhlabeni. Wamisa umbuso waphakade, waletha insindiso, wabuyisa abantu ebudlelwaneni noNkulunkulu, futhi waletha ithemba emhlabeni ophukile.
Kukangaki ubeka izidingo ozilindele kuNkulunkulu, uzitshela ukuthi uzokwenza ngohlelo nangesikhathi sakho? Ukwenza kanjalo akukusizi ukukholwa kwethu ngoba uNkulunkulu akenzi ngohlelo lwethu, futhi izimpendulo zaKhe ziye zingafani nokucela kwethu nesikulindele.
Simelwe ukuqonda umehluko phakathi kwesikulindele kuNkulunkulu nokuthemba uhlelo lwaKhe okuba silindele ukuthi uzakukwenza kuze kube sekuphelenikwezimpilo zethu. Ukubeka esikulindile kuNkulunkulu kungasenza sijabhe, sixakeke, sidube uma kungenzeki, kodwa ukulindela ngokukholwa kuNkulunkulu kungakukhulisa ukukholwa kwethu.
Ikuphi uNkulunkulu akubeke enhliziyweni yakho? KuloKhisimusi, thola induduzo ekwazini ukuthi uNkulunkulu ufuna ukwenza okukhulu kunokukulindele. Ufuna ukwenza kukhulu. Qina ekutheni uNkulunkulu uyakwazi ukwenza ngaphezu kokucela nokucabanga kwethu. Lindela ukuthi uNkulunkulu anyakaze, themba indlela yaKhe, ubukele ukukholwa kwakho kukhula.
Umthandazo: Baba, ngibonga ngenkumbuzo ukuthi nginoJesu nokuthi uhlangabezana nezindingo engingazi nokuthi nginazo. KuloKhisimusi, ngithandazela ukuthemba ngingakaboni. Siza ukukholwa kwami ekuthembekeni kwaKho ukuthi kukhule. Ngiyabonga ukuthi ube uNkulunkulu owenza ngaphezulu kokulindela kwami. Isikhathi saKho sihle, nohlelo lwaKho luhle. Yenza ngendlela yaKho empilweni yami!
Download-a isithombe sanamhlanje lapha.
Mayelana naloluHlelo
UKhisimusi ngeqiniso uyindaba enkulu kunazo zonke: indaba yokwethembeka kukaNkulunkulu, amandla, insindiso, nothando olungapheliyo. Asithatheni uhambo kulezinsuku ezilandelayo ezi-25 ukuthi sizwe ngohlelo lukaNkulunkulu lokusindisa izwe esonweni nezethembiso ezafezwa ngokuzalwa kweNdodana Yakhe.
More