UHagayi: Ikuphi Okulandelayo?Isampula
Yini UNkulunkulu Ayifunayo kuwena.
Encwadini kaHagayi, sifunda ukuthi abantu bakaNkulunkulu babekwazi lokho ababekufuna. Kodwa abazange bame ukuze bacabange lokho uNkulunkulu ayekufuna. UHagayi wafika wanxusa ama-Israyeli ukuba aqondanise okusemqoka nalokho abakufunayo nezifiso zikaNkulunkulu, ngoba Nguye kuphela owayezobanika isipho esikhulu kunazo zonke: ukuba khona Kwakhe. Kulula ukuhlanganisa uhlu lwezinto ezifunwayo lapho sibhekene nezikhathi ezinzima. Silangazelela ukubuyisela izimpilo zethu endleleni, ngakho siphishekela noma yikuphi ukunethezeka okungadambisa ubunzima. Nokho, njengama-Israyeli, asivamile ukuma kulezo zimo ukuze sicabange lokho uNkulunkulu angase akufune ngokulandelayo. Sigxila nokungaphakathi esikhundleni sokubheka phezulu.
Ama-Israyeli ngezikhathi zika-Hagayi ayebhekene nokucindezeleka kwangempela—amanye ayengaphezu kwamandla awo, amanye ayezenze wona. Ubunzima ababhekana nabo baholela ukuthi bazigcine nasekuzithibeni, kanye nokungabi nandaba nentando kaNkulunkulu. Emvakokuba bebuyela eJerusalema, babeka izisekelo zethempeli base bazishiya iminyaka engu-17 eyalandela. Babegxilise inhliziyo zabo kwezabo izidingo zangaleso sikhathi, ezingokwenyama kanye nokunethezeka - izinto ezifana nezindlu, izitshalo, ukudla, kanye nezingubo - ekunganakeni kokuqhubeka nokwakha kabusha ithempeli likaNkulunkulu. Awucabange ngento yokugcina uNkulunkulu akutshele ngokucacile ukuthi uyenze - enyangeni, onyakeni, eminyakeni eyishumi edlule. Ingabe uye waphazamiseka ngokungaqondile ekulaleleni ubizo lukaNkulunkulu, ngenxa yokuhlupheka okuqhubekayo? Uma kunjalo, cabanga ukuthi kudlale kanjani ukungakunaki lokho uNkulunkulu akubizele ukuba ukwenze empilweni yakho kule sizini edlule.
UHagayi ukhuluma ngesibindi nabantu bakaNkulunkulu ngokungazwani kwabo kokwakhiwa kabusha kwethempeli. Yiqiniso, uNkulunkulu wayengafuni nje isakhiwo. Isakhiwo esibonakalayo sasiyofanekisela ubukhona Bakhe kanye nobuhlobo Bakhe nabantu ayebathanda futhi sasiyoba uphawu ezizweni ezizungezile ezinamandla nezinjongo zikaNkulunkulu oyedwa weqiniso.
UNkulunkulu wayefuna u-Israyeli akhe imikhuba enempilo eyakha ubuhlobo obuhle Naye. NgoHagayi, Wabanxusa ukuba baphenduke, babeke kabusha izinto ezibalulekile, futhi baphinde bagxile. Kungenzeka okwamanje ubhekene nezinto ezikucindezelayo, eziyingcindezi ezikudukisa endleleni noma ezikwenza ungabunaki ubudlelwane bakho noNkulunkulu. Yini engashintsha empilweni yakho, okwangempela, uma ungayeka ukuzazi kodwa uphishekele uNkulunkulu ngokuphenduka, ubeke kabusha izinto ezibalulekile, futhi uphinde ugxile? Awubheke lezo zinto empilweni yakho ezisusa ubuhle obukhulu bukaNkulunkulu kuwe - bese uphenduka, ubeke kabusha izinto ezibalulekile, futhi uphinde ugxile, ukuze ujabulele kahle kokubakhona bukaNkulunkulu empilweni yakho. UMdali waphakade, onamandla onke ongadingi lutho futhi ongakwazi ukukhonzwa ngezandla zabantu usafuna ukuba nobudlelwane nathi. Uthando Lwakhe alunakuqhathaniswa, futhi lunikezwa bonke abayozithoba ukuze baluthole ngeNdodana Yakhe, uJesu Kristu. UnguEmanuweli - uNkulunkulu onathi - njalo esibizela ukuqondisa impilo zethu kuyena esasitshengisa ukuthi yini okulandelayo
Mayelana naloluHlelo
Uma wesaba ikusasa, lolu hlelo lwezinsuku ezinhlanu olwakho. Nakuba ungase ubhekane nobunzima obungakaze bubonwe ngaphambili, ungaphila unesiqiniseko sokuthi uNkulunkulu uyoba nezwi lokugcina ekuphileni kwakho. Funda ukubeka uNkulunkulu kuqala, hlela impilo yakho ihambisane nezinjongo zaKhe futhi uzondle eqinisweni aliqinisayo futhi akusekele kulokho okuzolandela.
More
Sithanda ukubonga u- Badi Badibanga ngokuhlinzeka ngalolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://www.bbc.org.za/