UHagayi: Ikuphi Okulandelayo?Isampula
Unkulunkulu onezwi lokugcina empilweni yakho.
Isihloko esibalulekile sencwadi kaHagayi siwukuthi ukubonakaliswa kokudumisa ukulalela okuvela enhliziyweni ezinikele kuNkulunkulu. UHagayi ubizela abantu bakaNkulunkulu ukuba babuyele ekudumiseni kweqiniso ukuze babuyisele igunya likaNkulunkulu elifanele phezu kwezinhliziyo zabo. Lokho okukhonzayo kunamandla phezu kwenhliziyo yakho, kanjalo nese mpilweni yakho. Mina nawe asikho ngaphezu kokukhonza indlela yesono ngokukhetha nokukhonza izithixo, nezinye izinto ngaphandle kukaNkulunkulu, futhi sidinga ukuthatha izinyathelo ezisemqoka zokuvuselela izinhliziyo zethu kuNkulunkulu futhi silwe nesono ezimpilweni zethu. UHagayi ukhumbuza ama-Israyeli ukuthi uNkulunkulu kuphela okumelwe adunyiswe, futhi uNkulunkulu yedwa onegunya ekuphileni kwethu. Uyoba nezwi lokugcina. Abantu bakaNkulunkulu basanda kubuya ekuthunjweni, futhi izimemezelo nezithembiso zikaNkulunkulu - ezivezwe ngomfanekiso kaHagayi ocacile wezombangazwe nezempi - zaziyobaduduza kakhulu.
Umlayezo kaHagayi kuZerubabele ukhuluma nathi namuhla. Kungenzeka asizange sizibonele ngawethu impi, kodwa ngokomoya sisempini nemhlaba, inyama, nosathane, futhi uNkulunkulu uyasikhumbuza ukuthi ubusa phezu kwawo wonke amandla, igunya, imibuso, nohulumeni okhona, noke wake waba khona. Bonke ekugcineni bayolethwa ngaphansi kwegunya Lakhe eliphakeme nokwahlulelwa. Kungakhathaliseki ukuthi impi empilweni yakho izwakala ingapheli, ikhathaza, futhi ingaphezu kwamandla kangakanani, vumela iqiniso lokuthi uNkulunkulu uzoba nezwi lokugcina lokukukhuthaza futhi alethe ithemba. Ngelinye ilanga, uNkulunkulu uyoqeda konke ukuphikiswa kwakhe ngokubonakalisa okukhulu kwamandla Akhe, ngoba ungcwele futhi ulungile.
UNkulunkulu umemezela ngoHagayi ukuthi ukhethe uZerubabele, inzalo kaDavide, ukuba abuyisele ngokwethembeka ukukhuleka ethempelini. UNkulunkulu uyokwenza uZerubabele indandatho enophawu: uphawu lwegunya lobukhosi nobunikazi bomuntu siqu. UNkulunkulu ubuyisela igunya Lakhe nangaphezulu, nobunikazi babantu Bakhe abavela kuzo zonke izizwe, esebenzisa uZerubabele ukuba adlale indima ebalulekile. UZerubabele akakhunjulwa kakhulu noma akukhulunywa ngaye namuhla - kodwa omunye wozalo lukaDavide nguye, futhi nguye uNkulunkulu ayekhomba kuye ngesiphrofetho sikaHagayi: uJesu. Ukwakhiwa kabusha ithempeli kwakuyisithunzi sikaNkulunkulu esenza indlela, ngeNdodana Yakhe uJesu, yokuba umuntu aphinde amkhonze ngoko Moya nangeqiniso. KuKristu, silethwa ngaphansi kwegunya likaBaba. Lolu hlelo lokufunda seluya ngasemaphethelweni, kodwa uhambo lwakho lokwazi yini ezolandela seluqalile. Zikhumbuze ukwethemba uNkulunkulu, ukumbeka kuqala kuzo zonke izinto, ukuphishekela ubungcwele, nokujabulela iqiniso elimangalisayo lokuthi uzoba nezwi lokugcina kuzo zonke izinto, kuhlanganisa nokuphila kwakho.
Mayelana naloluHlelo
Uma wesaba ikusasa, lolu hlelo lwezinsuku ezinhlanu olwakho. Nakuba ungase ubhekane nobunzima obungakaze bubonwe ngaphambili, ungaphila unesiqiniseko sokuthi uNkulunkulu uyoba nezwi lokugcina ekuphileni kwakho. Funda ukubeka uNkulunkulu kuqala, hlela impilo yakho ihambisane nezinjongo zaKhe futhi uzondle eqinisweni aliqinisayo futhi akusekele kulokho okuzolandela.
More
Sithanda ukubonga u- Badi Badibanga ngokuhlinzeka ngalolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://www.bbc.org.za/