UMoya ONgcweleIsampula

UMoya ONgcwele

USUKU 4 KWEZINGU- 4

UKUGCWALISWA UMOYA ONGCWELE

Abasindisiweyo banaye uMoya

Sesibonile ukuthi uma singabantwana bakaNkulunkulu sinaye uMoya oNgcwele. UMoya oNgcwele uyahlala kubo bonke abasindisiweyo. Imizimba yabo iyithempeli lakhe. Uyena owasizala ngokusha. Uyena esiphila ngaye impilo kaMoya. Unguye uNkulunkulu. Munye noNkulunkulu. Uma kuhlala uMoya oNgcwele enhliziyweni, kuhlala uNkulunkulu, kuhlala uJesu Kristu futhi. Bamunye.

Abasindisweyo badinga ukugcwaliswa uMoya

Ukuhlalwa uMoya kukodwa, ukugcwaliswa uMoya kukodwa. Kuyenzeka ukuba umuntu abe naye uMoya kodwa angagcwaliswa uye. Nxa uPawulu elobela ibandla lase-Efesu uyabatshela ukuthi bayindlu kaNkulunkulu ngoMoya (Ef. 2:22). Nxa uPawulu ethi kwabase-Efesu: “Nigcwaliswe uMoya” (Ef. 5:18), ulobela abantu asebenaye, uyabatshela ukuba bamvumele abagcwalise. Leli gama elithi “nigcwaliswe uMoya” alisho into ezokwenzeka kube kanye nje empilweni yomuntu. Lisho into okudingeka yenzeke imihla ngemihla. Izwi lithi masihlale njalo sigcwaliswe uMoya. Kungenzeka ukuba umuntu amvumele namuhla uMoya amgcwalise, kanti kusasa usezozihambela eyakhe indlela. Lowo ophila impilo egcwele uMoya oNgcwele akazihambeli ngeyakhe indlela. Uma singagcwele kungoba yithina esimvimbileyo.

Zikhona izimpawu ezikhomba ukugcwaliswa uMoya esizibona encwadini ka-Pawulu kwabase-Efesu esahlukweni sesi-5. Umuntu ogcwaliswe uMoya oNgcwele uhamba othandweni, ahlukane nobubi bonke, ahambe ngokuqonda intando kaNkulunkulu, abonge ezintweni zonke, ahlalisane kahle nabanye.

Indlela yokugcwaliswa uMoya oNgcwele

Njengoba izwi leNkosi lisasiyala ukuba sigcwaliswe uMoya kusobala ukuthi indaba ikithina. Usekwenzile okwakhe uNkulunkulu. Ufikile uMoya oNgcwele njengesithembiso sikaJesu, kusele ukuba simvulele ukuba asibuse ngokupheleleyo. Khumbula njalo ukuthi ufikile uMoya enhliziyweni yakho – ungumntwana kaNkulunkulu. Khumbula ukuthi uMoya uyafuna ukukugcwalisa, akubuse ezintweni zonke ozenzayo, ozicabangayo nozikhulumayo.

Osafuna ukuzihambela ngeyakhe intando akanakugcwaliswa uMoya. Osabuswa uMina wakhe akanakubuswa uMoya, ngoba uMoya unezifiso eziphambene nezinkanuko zenyama yomuntu (Gal. 5:17). Ukuzinikela kuNkulunkulu kusho ukuyibeka phansi eyami intando, ngivume ukwenza konke okushiwo uNkulunkulu, ngibuswe uMoya wakhe oNgcwele.

Indlela yokuphumelela endleleni yokukholwa esiyiphiwe uNkulunkulu iyona lena yokuba simvumele uMsizi omkhulu onguMthokosizi ukuba asigcwalise imihla ngemihla akukhiphe konke okunye ezimpilweni zethu okusilimazayo, nokusibuyisela emuva. Wena, mfundi, zinikele kuNkulunkulu ngokupheleleyo imihla ngemihla yokuba khona kwakho emhlabeni, ugcwaliswa uMoya oNgcwele.

Lolu hlelo lokufunda luthathwe encwadini ka-B. A. Johanson, UMoya ONgcwele © 2021 i-UBI Publishing, umnyango wezokushicilela we-Union Bible Institute.

Usuku 3

Mayelana naloluHlelo

UMoya ONgcwele

Ngesikhathi sePhentekoste, uMoya oNgcwele wanikelwa abafundi bakaJesu, lase lazalwa ibanla. Baningi abantu abanemibuzo ngoMoya oNgcwele. Kulolu hlelo lokufunda kosuku lwesine, uzofunda ngoMoya oNgcwele namandla akhe okuguqula izimpilo zamakholwa.

More

Sithanda ukubonga u-UBI Publishing ngokuhlinzeka ngalolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://publishing.ubi.ac.za