UMoya ONgcweleIsampula

UMoya ONgcwele

USUKU 1 KWEZINGU- 4

ISINGENISO

Kuningi ukweduka okukhona ezweni ngendaba kaMoya oNgcwele. Imikhubakhuba eminingi yenziwa abantu bethi batshelwa uMoya ukuba bayenze. Miningi imimoya esebenzayo nekhulumayo, kodwa abantu abaningi abakwazi ukwahlukanisa. Lokho kwenziwa ukungazi. Kwenziwa ukungalifundisisi lonke iBhayibheli. Kufundwa amavesi athile kuqhutshwe ngawo kanti nawo abawezwa indaba yonke bengayazi.

Lolu hlelo lokufunda luyazama ukuyiqoqa indaba kaMoya oNgcwele eseBhayibhelini, ikakhulukazi mayelana nensindiso yethu, amandla kaMoya oNgcwele kanye nokwazi kahle kusho ukuthini ukugcwaliswa uMoya Ongcwele. Luyazama ukumkhomba ukuthi ungubani nokuthi unjani uMoya oNgcwele. Uma sesimazi yena, siyokwazi lokho elikushoyo ngaye iBhayibheli, siyosizakala singadonswa imimoya yonke eminingi ekhona ekhohlisa abantu abangaziyo.

Kuningi ukwahluleka okukhona kumakholwa ngoba bengamazi uMoya oNgcwele. Amandla okusinqoba isono atholwa kuyena. Amandla okumsebenzela uJesu akuye, kodwa abaningi abakwazi lokho. Bayehluleka, bezizamela ngawabo amandla ukwenza lokho okungaphezu kwamandla omuntu. Impela siyadinga sonke ukumazisisa uMoya oNgcwele owathunywa uNkulunkulu emva kokuba esebuyele ezulwini uJesu. Ufikile. Ukhona, kodwa abaningi abamazi. Bamuzwa ngendaba. Bakhohliswa abanye abasebumnyameni njengabo abahlulwa izono. Akukho ukuthula nokuthokoza ezinhliziyweni zabo, ngoba abamazi uMoya oNgcwele.

Akwanele ukuyiqonda indaba yakhe, nokwazi ukuthi iBhayibheli lithini ngaye. Kudingeka ukuba simazi yena. Sijwayelane naye. Sifunde ukuhlalisana naye eduze, silizwe iphimbo lakhe likhuluma nathi lapho sifunda iBhayibheli, nalapho sithandaza, nalapho sisemsebenzini yemihla esiyenzayo.

Lolu hlelo lokufunda luyazama ukuyikhomba indlela esingazana ngayo kahle noMoya oNgcwele. Siyacela ukuba uNkulunkulu akubusise lapho usayifunda ukuze ube nokumazi kangcono uMoya oNgcwele, onguMduduzi nomsizi omkhulu wabantwana bakaNkulunkulu.

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

UMoya ONgcwele

Ngesikhathi sePhentekoste, uMoya oNgcwele wanikelwa abafundi bakaJesu, lase lazalwa ibanla. Baningi abantu abanemibuzo ngoMoya oNgcwele. Kulolu hlelo lokufunda kosuku lwesine, uzofunda ngoMoya oNgcwele namandla akhe okuguqula izimpilo zamakholwa.

More

Sithanda ukubonga u-UBI Publishing ngokuhlinzeka ngalolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://publishing.ubi.ac.za