UMoya ONgcweleIsampula
UMOYA ONGCWELE NOKUSINDISWA KWETHU
Indlela yokusindiswa kwethu yavulwa uJesu Kristu. Weza lapha emhlabeni, wathatha isimo somuntu wabethelwa esiphambanweni, wafa ethwele izono zethu. Wavuka ekufeni, esekunqobile ukufa wenyuka waya ezulwini. Yavuleka kanjalo indlela yokuba abantu ababi bathethelelwe izono zabo basindiswe uma bekholwa uJesu bezinikela kuye. Le nsindiso emangalisayo asinakuyithola ngaphandle kokusebenza kukaMoya oNgcwele. Ake sikuqaphele okuthile okwenziwa uyena.
UMoya oNgcwele uyasikhombisa izono zethu
Umuntu ongaziboni izono zakhe akanakusindiswa. Kungumsebenzi kaMoya oNgcwele ukumkhombisa umuntu izono zakhe. UJesu wathi: “Esefikile yena uyakuqondisa izwe ngesono, nangokulunga, nangokwahlulela” (Joh. 16:8). UMoya oNgcwele ukhomba ezifihliweyo eziphakathi enhliziyweni. Ngosuku lwePhentekoste, lapho uPetru eshumayela, sizwa ukuthi abantu bahlabeka ezinhliziyweni zabo. Abahlatshwanga uPetru, bahlatshwa uMoya oNgcwele. Wabakhombisa izono zabo. Kulo msebenzi wakhe uMoya oNgcwele usebenzisa iBhayibheli. Makabongwe uNkulunkulu ngalo msebenzi omuhle asawenza nanamuhla uMoya oNgcwele. Ubusisiwe olizwayo iphimbo lakhe likhomba izono.
UMoya oNgcwele usizala ngokusha
Lapho umuntu esezibonile izono zakhe, wazivuma, wazishiya, uyafika ebangeni lapho uMoya oNgcwele ewusebenza umsebenzi omkhulu omangalisayo wokumzala ngokusha. Angesindiswe umuntu ngaphandle kokuba azalwe ngokusha. Lo msebenzi wenziwa uMoya oNgcwele. Encwadini kuThithu ichazwa kahle: “Kungengemisebenzi yokulunga esayenzayo thina kepha ngokwesihawu sakhe ngesigezo sokuphindukuzalwa nokwenziwa sibe basha ngoMoya oNgcwele” (Thith. 3:5). Lokho ukwenza ngokusihlanza asigeze emanzini ayilizwi likaNkulunkulu. Liyayigeza ingqondo nenhliziyo yethu. Konke lokhu kusetshenzwa iBhayibheli ngamandla kaMoya oNgcwele osebenzayo enhliziyweni yalowo olifundayo. Ulindele kuphela ukuba umuntu amvumele lapho eqala khona emkhombisa izono zakhe. Lowo omvumelayo, uyamzala ngokusha amenze umntwana kaNkulunkulu.
UMoya oNgcwele uhlala kulabo abakaKristu
UJesu wabathembisa abafundi bakhe ngesikhathi esezobashiya, wathi: “Ngiyakucela kuBaba aniphe omunye uMduduzi wokuba ahlale kini phakade” (Joh. 14:16). UMduduzi lowo owathenjiswa uJesu uyafika kulowo okholwa uJesu. Ukuba khona kukaMoya oNgcwele akuyi ngento ayizwayo umuntu noma engayizwa. Kuya ngokukholwa. Lowo omethembayo uJesu, ezinikele kuye, ezelwe ngokusha, unaye uMoya oNgcwele. Akalibali uMoya ukungena enhliziyweni yalowo omethembayo uJesu. UMoya uyabaholela abantwana bakaNkulunkulu empilweni engcwele. Uyabahlukanisa nezono, abaphe amandla okuphila impilo engcwele.
Mayelana naloluHlelo
Ngesikhathi sePhentekoste, uMoya oNgcwele wanikelwa abafundi bakaJesu, lase lazalwa ibanla. Baningi abantu abanemibuzo ngoMoya oNgcwele. Kulolu hlelo lokufunda kosuku lwesine, uzofunda ngoMoya oNgcwele namandla akhe okuguqula izimpilo zamakholwa.
More
Sithanda ukubonga u-UBI Publishing ngokuhlinzeka ngalolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://publishing.ubi.ac.za