UMoya ONgcweleIsampula
AMANDLA KAMOYA ONGCWELE
UNkulunkulu akathandi ukuba abantwana bakhe babe buthakathaka. Amandla esiwadingayo awekho kithina ngoba awethu amandla awanamsebenzi empilweni yokukholwa. Impi esikuyona akusiyo esingayilwa ngamandla ethu. INkosi iyasiyala ukuba sibe namandla, kodwa iyadlula lapho, iyasipha lawo mandla esiwadingayo.
Amandla avela kuMoya oNgcwele
Ngesikhathi uJesu ebashiya abafundi bakhe wabatshela ukuthi selusondele usuku lokufika kukaMoya oNgcwele. Wayebanikile umsebenzi omkhulu wokuya emhlabeni wonke bashumayele indaba yokufa nokuvuka kwakhe, batshele abantu indlela yokusindiswa eseyivuliwe. Amandla okukwenza lokho babengenawo, kodwa wabathembisa wathi: “Nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami” (IzE. 1:8). Amandla esiwadingayo emsebenzini esiwuphiweyo siwathola kuMoya oNgcwele.
Usipha amandla ngokuhlala kithina
UJesu wabathembisa abafundi bakhe ukuthi uMoya oNgcwele uzofika uma esehambile yena, ekufikeni kwakhe uyohlala nabo (Joh. 14:16-17). Leli qiniso lisinika amandla amakhulu. Akwenzeki ukuba sizizwe sibuthakathaka uma sikhumbula ukuthi uMoya oNgcwele ukhona ezinhliziyweni zethu. UNkulunkulu useduze, uhlezi nathi, uhamba nathi (Joh.14:23). Lowo okukhumbulayo lokho, ehlala ecabanga ngakho, unamandla ekukholweni. Izono azinamandla okumnqoba. Akesabi ukufakaza ngoJesu, ngoba uMoya oNgcwele uhlezi naye.
Usipha amandla ngokusifundisa
Kungumsebenzi omkhulu kaMoya oNgcwele ukusifundisa izwi leNkosi. Uyabafundisa labo abalifundayo iBhayibheli. Baningi abawafunayo amandla. Banqotshwa izono, bathathwa imimoya eminingi, bangenwa amakhaza bagodole baphelelwe amandla. Kanti bahlezi nawo endlini. IBhayibheli lisebhokisini, noma etafuleni, kodwa abalifundi. Noma angakholwa kangakanani umuntu abe naye uMoya oNgcwele enhliziyweni yakhe, amandla akanakuba nawo uma engavumi ukufundiswa uMoya akhuthale ekulifundisiseni iBhayibheli. Wena, mfundi, zibophezele namuhla ukulifunda mihla ngemihla, ucele ukukhanyiselwa uMoya oNgcwele.
Usipha amandla uma uJesu esenelisile
UJesu wamemeza wathi: “Uma ekhona owomileyo, akeze kimi, aphuze. Okholwa yimi, njengokusho kombhalo, esiswini sakhe kuyakugobhoza imifula yamanzi aphilayo” (Joh. 7:37-38). Ivesi elilandelayo liyasichazela ukuthi wayekhuluma ngoMoya oNgcwele. Awekho amandla empilweni yekholwa elingenelisiwe uJesu. Uyamenza lowo osindisiweyo ukuba abe njengomfula ogobhozayo. Kuphuma kuyena amanzi okuphuzisa nabanye.
Ngabe unawo, wena mfundi, amandla kaMoya oNgcwele, noma uyikholwa elibuthakathaka elingenamsebenzi? Nansi indlela yokuhlala eNkosini nasemandleni ayo ngaye uMoya oNgcwele.
Mayelana naloluHlelo
Ngesikhathi sePhentekoste, uMoya oNgcwele wanikelwa abafundi bakaJesu, lase lazalwa ibanla. Baningi abantu abanemibuzo ngoMoya oNgcwele. Kulolu hlelo lokufunda kosuku lwesine, uzofunda ngoMoya oNgcwele namandla akhe okuguqula izimpilo zamakholwa.
More
Sithanda ukubonga u-UBI Publishing ngokuhlinzeka ngalolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://publishing.ubi.ac.za