Ngcwalisa Ithange LakhoIsampula

Ngcwalisa Ithange Lakho

USUKU 1 KWEZINGU- 5

Zigcwalise

Ama-Israyeli ayesesikhathini esinzima. Babebhekene noGoliyathi, ukuntuleka kokudla namanzi, futhi belungiselela impi. Babengenazo izinto ezidingekayo, bengaqeqeshwanga futhi bengenazikhali. Babezihambela bengenalutho. Kungase kubonakale sengathi uhamba ungenalutho okwamanje! Mhlawumbe ithangi lakho lakucabanga liyancipha, noma ithangi lakho lezobudlelwano, ithange lakho lamandla, ithangi lakho lokubuhlakani, noma ithangi lakho likamoya iliphelelwayo. Uhambo uMose nama-Israyeli ababekulo luyisibonakaliso sohambo olungokomoya okufanele siluthathe nathi. Uligcwalisa kanjani ithange lakho likamoya?Singafunda kuMose. WAYA eNkosini. Wathulula inhliziyo yakhe. Yebo, okokuqala uMose wakhononda eNkosini. Kodwa wabe eselinda impendulo eNkosini. Ingabe amathangi ethu adinga ukugcwaliswa? Singakhohlwa izindlela ezilula zokusenza silale kahle, ukuzilolonga, ukudla kahle, ukukhetha abangani abazokukhulisa hai abazokuphazamisa baphinde bakudumaze. Kodwa ngaphezu kwakho konke, kufanele siye eNkosini futhi siyitshele konke ngakho. Bese silinda impendulo Yakhe. Sihlale ngokuthula ebukhoneni Bakhe.

Ukuzindla:

- Ungayifuna kanjani iNkosi kulesi sikhathi esinzima? Uyitshelile yini iNkosi lokho okunzima enhliziyweni yakho? Uzoyilinda impendulo Yakhe njengoMose?

- Kanye nokulandela isibonelo sikaMose (sokuya eNkosini, nokulinda impendulo yakhe), yini esingayenza ukuze sizisize ngeqiniso ukuthuthukisa indlela esenza ngayo izinto – ngisho ukulala, ukuzivocavoca, ukudla, ukukhetha abangane? Cabanga ngezinyathelo esingase sidinge ukuzenza ukuze sakhe ukuphphila okunempilo.

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Ngcwalisa Ithange Lakho

Ezinkathini ezinzima zonyaka, kulula ukukhathala ngokomzwelo, ngokomzimba nangokomoya. Lokhu kuzinikela kusinika izeluleko ezisebenzayo zokuthi ‘singazondla kanjani’ eNkosini phakathi nezikhathi ezinzima ukuze siqhubeke siqhubekela phambili naphezu kobunzima.

More

Sithanda ukubonga u- Challenge Ministries ngokuhlinzeka ngalolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://www.cmswazi.org/