Ngcwalisa Ithange LakhoIsampula
Wozani Kimi
Iyiphi indawo oya kuyo lapho ukucindezeleka nengcindezi kukuqeda amandla? UMose wabheka kuBaba. UJesu waphendukela kuBaba. Bobabili balindele ukuthi iNkosi ibaphendule. Ingalo yeNkosi ayifinyeziwe. Ngisho nasesimweni esingase sibonakale singenakwenzeka, uBaba uNkulunkulu uyakwazi ukusiza. Izwi lakhe kithi lithi, “Ungesabi, ngokuba mina nginawe; ungapheli amandla, ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo,ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.”
UNkulunkulu ngeke asishiye sodwa. Sizodlula kulesi sikhathi esinzima, ngomusa kaNkulunkulu ongaphezu kwemvelo. Lokho kusho ukuza kuNkulunkulu nokulinda impendulo evela Kuye. UNkulunkulu akasoze asifulathela. Akukho lutho noma ngubani phakathi kwethu abengenza into engadala ukuthi asilahle uma siza kuye. Ayikho inkinga ngisho engakanani engasivimba ukuthi simuzwe, uma nje sisenza isikhathi sokumulalela. Ake size kuYe namuhla, sike simulalele sizwe ukuthi Uzothini.
Ukuzindla: Kulesi sikhathi sempilo yakho, ikuphi lapho uya khona uma ucindezelekile futhi ukhungathekile? Ungenza kanjani ukuthi ubukhona bukaNkulunkulu bube indawo yakho ‘ophephela’ kuyona?
Mayelana naloluHlelo
Ezinkathini ezinzima zonyaka, kulula ukukhathala ngokomzwelo, ngokomzimba nangokomoya. Lokhu kuzinikela kusinika izeluleko ezisebenzayo zokuthi ‘singazondla kanjani’ eNkosini phakathi nezikhathi ezinzima ukuze siqhubeke siqhubekela phambili naphezu kobunzima.
More
Sithanda ukubonga u- Challenge Ministries ngokuhlinzeka ngalolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://www.cmswazi.org/