Ngcwalisa Ithange LakhoIsampula

Ngcwalisa Ithange Lakho

USUKU 3 KWEZINGU- 5

Bekani Ijoka lami phezu Kwenu

Ingabe umthwalo wakho unzima kangangokuthi awukwazi ukuphefumula? UJesu wathi, “Bekani ijoka Lami phezu kwenu,” okusho ukuthi sithatha izwi Lakhe senze elikushoyo; sihamba, sisebenza futhi nokuhlala eduze kwakhe, lapho esiholela khona. Uma siboshelwe ejokeni noKristu, Yena uthwala ingxenye enkulu yesisindo. Kuleli hlane, akudingeki sithwale umthwalo nokucindezeleka sodwa. Ufuna ukusisiza. Kodwa yithina okufanele sikhethe. Singakhetha ijoka Lakhe, noma esikhundleni salokho sikhethe ijoka lobugqila, ijoka lokubuswa inyama yethu, sizame ukuyilawula ngamandla ethu. UMose waya eNkosini. Wayilalela, uMose wabe eselenza izwi likaJehova. Wathatha isinyathelo, wenza lokho uNkulunkulu ambonisa ukuba akwenze. Wase umusa kaNkulunkulu onamandla angaphezu kwawemvelo wehlela phezu kwabakwa-Israyeli. Ugcobo lwakhe lwagcwalisa amathangi abo. Wagcwalisa abadala, nezingcweti kanye nezisebenzi ngokunjalo, ngoMoya waKhe. UNkulunkulu wabagcobela bonke kulokho Ayebabizele kukona. Ake sithathe lesi sikhathi ukubheka ijoka lethu. Masizibophe ngamabomu eNkosini, futhi siyivumele isigcwalise ngomusa wayo ongaphezu kwemvelo.

Ukuzindla: Esikhathini esinzima, kulula ukuphendukela enyameni yethu. Ingabe ikhona imikhuba osuyijwayele njengamanje eqeda Amandla akho?

Ungakunikela kanjani lakho kuJesu bese ungene ngaphansi kwejoka Lakhe wena wonke?

Usuku 2Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

Ngcwalisa Ithange Lakho

Ezinkathini ezinzima zonyaka, kulula ukukhathala ngokomzwelo, ngokomzimba nangokomoya. Lokhu kuzinikela kusinika izeluleko ezisebenzayo zokuthi ‘singazondla kanjani’ eNkosini phakathi nezikhathi ezinzima ukuze siqhubeke siqhubekela phambili naphezu kobunzima.

More

Sithanda ukubonga u- Challenge Ministries ngokuhlinzeka ngalolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://www.cmswazi.org/