Ukuza: Uhambo lukaKhisimusiIsampula

Advent: The Journey to Christmas

USUKU 3 KWEZINGU- 25

Ukuhlengwa Ngethemba Elihlehlisiwe

Uke wezwa ngesisho, “Ithemba elihlehlisiwe ligulisa inhliziyo.” Kodwa uyazi ukuthi uJesu wazalwa ngoba uNkulunkulu wabuyisa ithemba elalihlehlisiwe? KuGenesisi, sifunda ukuthi uAbrahama nomkakhe uSara babefisa umntwana isikhathi eside, kodwa uSara wayengabatholi abantwana. Wathi uSara eseneminyaka engu-90, uNkulunkulu waziveza kuAbrahama wathembisa ukuthi uSara wayeyothola indodana, nokuthi ngayo, wayeyomisa isivumelwano sanjalo phakathi kwaKhe nenzalo kaAbrahama. USara wahleka uma uNkulunkulu esho lokhu, ngoba wacabanga ukuthi, “Kungenzeka kanjani kimina sengiguge kangaka?" Kodwa uSara wakhulelwa wazal indodana. UAbrahama wametha igama wathi u"Isaka,” okusho “ukuhleka,” ngoba uNkulunkulu waletha injabulo enkulu nokuhlengwa ngalokho okwakubonakala kungenzeka.

Indodana kaIsaka kwakunguJakobe, uJakobe wayenamadodana angu-12, omunye wawo kwakunguJuda. Emndenini kaJuda kwavelo iNkosi uDavide, futhi uMariya owazala uJesu wayengowomndeni kaJuda (kanjalo noJosefa ubaba waKhe wasemhlabeni), uMsindisi weza ngengomphumela wesithembiso sikaNkulunkulu kuAbrahama noSara. Njengoba uNkulunkulu aphilisa uSara emzimbeni wakhe wagcwalisa isifiso senhliziyo yakhe, watshala imbewu eyagcina ibuyisa abantu kuNkulunkulu, ebeka isivumelwano esasiyomiswa njalonjalo. USara nokukhulelwa kwakhe ebudaleni bakhe bungesinye isizathu sokubabaza ukuzalwa okuyisimangaliso kukaJesu.

Uma ubhekene nethemba elihlehlisiwe, phumula ekwazini ukuthi uNkulunkulu ubeke ukuhlengwa kulesisikhathi futhi uzokwamukelisa okuningi kunalokho okucabangayo. Noma ungayiboni injongo kuyo manje, ngelinye ilanga, uzokwazi. Bambelela ethembeni likaNkulunkulu! NjegoSara, uzobanakho, “Okufisayo okugcwalisekile kuyisihlahla sempilo.”

Umthandazo: Baba, ngibonga ukuthi unguNkulunkulu weZwi laKho. Njengokuba wagcwalisa isithembiso saKho kuSara, ngiyethemba ukuthi uzozigcwalisa izithembiso zakho kimi. Ngiyabonga ngokuthi usebenzisa izikhathi ezinzima empilweni yami ukufeza icebo lakho. Ngiyabonga ukuthi ngiyingxenye yalokho okukunika udumo.

Download-a isithombe sanamuhla lapha.

Usuku 2Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

Advent: The Journey to Christmas

UKhisimusi ngeqiniso uyindaba enkulu kunazo zonke: indaba yokwethembeka kukaNkulunkulu, amandla, insindiso, nothando olungapheliyo. Asithatheni uhambo kulezinsuku ezilandelayo ezi-25 ukuthi sizwe ngohlelo lukaNkulunkulu lokusindisa izwe esonweni nezethembiso ezafezwa ngokuzalwa kweNdodana Yakhe.

More

Sithanda ukubonga i Church of the Highlands ngokunikela ngaloluhlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele ku: https://www.churchofthehighlands.com/