Ukuza: Uhambo lukaKhisimusiIsampula

Advent: The Journey to Christmas

USUKU 4 KWEZINGU- 25

Ukuqala Okuphansi

IBetlehema kwakuyidolobhana elincane, elingabalulekile uma liqhathaniswa namadolobha amakhulu akule ndawo.KuMessage Paraphrase kaMika 5: 2, iBethlehem ibizwa ngokuthi "umsele kadoti.” Kungani uNkulunkulu ekhetha ukuza emhlabeni endaweni engabalulekile kangako? Ngabe kubonakala kuyindawo efanelekile yokuzalwa yeNkosi yamaKhosi?

Into ukuthi, uNkulunkulu akakaze abe nentshisekelo ngendlela yomhlaba yokuchaza ubukhulu. Ingcebo, udumo, ukuthandwa, namandla — akukho nokukodwa lapha akuphakamisayo uNkulunkulu. UPawulu watshela abaseKorinte, “UNkulunkulu wakhetha izinto zobuwula zezwe ukuba ajabhise abahlakaniphileyo; UNkulunkulu ukhethe izinto ezibuthakathaka zomhlaba ukuba ajabhise ezinamandla.” Lokho Angakwenza empilweni yomuntu akuvinjwa yisimo sabo sasemhlabeni. Uma iBetlehema llaliyi “ndawo kadoti,” uNkulunkulu wayezothola inkazimulo engakanani ngokusungula impilo yeNdodana yaKhe lapho? Ukuthi uhambo lukaJesu lwaqala kuphi alunqumanga ukuthi yini ayengayenzela uMbuso. Akunjalo yini nangathi?

Umthandazo:Baba, ngiyabonga ngokungavumeli amaphuzu aphansi kakhulu empilweni yami anciphise amandla ami. Ngiyabonga ngokunikeza injongo kaNkulunkulu kumuntu ongaphelele njengami. Ngiyakudumisa ngamandla Akho amangalisayo angithwala ngezikhathi zobuthakathaka. Ngiyazi ukuthi noma ngabe ngiqale kuphi, uzongiyisa lapho ufuna ngiye khona. Ngiyabonga, Jesu, ngokungikhombisa ukuthi izinto ezimangalisayo ziqala ezindaweni eziphansi.

Download-a isithombe sanamuhla lapha.

Usuku 3Usuku 5

Mayelana naloluHlelo

Advent: The Journey to Christmas

UKhisimusi ngeqiniso uyindaba enkulu kunazo zonke: indaba yokwethembeka kukaNkulunkulu, amandla, insindiso, nothando olungapheliyo. Asithatheni uhambo kulezinsuku ezilandelayo ezi-25 ukuthi sizwe ngohlelo lukaNkulunkulu lokusindisa izwe esonweni nezethembiso ezafezwa ngokuzalwa kweNdodana Yakhe.

More

Sithanda ukubonga i Church of the Highlands ngokunikela ngaloluhlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele ku: https://www.churchofthehighlands.com/