Ukuza: Uhambo lukaKhisimusiIsampula

Advent: The Journey to Christmas

USUKU 9 KWEZINGU- 25

Ukuhlomela Injongo

Kwasekuyisikhathi sokuthi isithembiso sikaNkulunkulu sifezeke. Isono sasesizonqotshwa, kodwa kuqala, uMsindisi kwakufanele afakwe esizalweni sikanina. Ungacabanga ukuthi uNkulunkulu wayejabula kangakanani uma ethuma ingelosi ukuyombula uhlelo lwaKhe kuMariya? Kwakuyisikhathi esasesilindelwe ezinkulungwaneni zeminyaka!

Cabanga ngoMariya: emncane ethobekile kodwa ekhethwe uNkulunkulu. Uma ethumela ingelosi kuye, WAyithumela namagama othando. WAmazisa ukuthi wayekhethiwe nokuthi angesabi. Ngaphambi kokuthi aze angabaze, uNkulunkulu wamunika isibindi ayesidinga ukuze ahambeenjongweni yempilo yakhe.

Njengoba kuza uKhisimusi, zifake ezicathulweni zikaMariya ucabange kancane. Cabanga ukuthi kwakukukhulu, nakangakanani, ukuthi athole ukuthi uhlelo lukaNkulunkulu ngaye lwalujule kangakanani. Kumele wazi ukuthi njengoba ayenohlelo olujulile ngoMariya, uNkulunkulu unehlelo olujulile ngawe. Njengoba amthemba ngezinto ezinkulu, ukukhethile nawe wakuphathisa izinto ezijulile nezinkulu! Cela uNkulunkulu akwambulele ukuthi wakudalela ukuthi wenzeni, umthembe ukuthi uzokuhlomisa ukuthi ukwenze.

Umthandazo: Baba, ngiyabonga ngesipho esinguJesu. Ngiyabonga ngokukhetha owesifazane onguMariya ukumletha emhlabeni. Wamsebenzisa njengesitsha sesibonakaliso saKho esikhulu. Ngiyabonga ngokunginika injongo enhle.Ngisize ngithule,ngikufune, nokuthi ngikwazi kakhulu ngalesisikhathi. Sebenzisa lesisikhathi ukungikhombisa uhlelo lwaKho ngenkathi ngikula enjongweni kaKhisimusi.

Download-a isithombe sanamuhla lapha.

Usuku 8Usuku 10

Mayelana naloluHlelo

Advent: The Journey to Christmas

UKhisimusi ngeqiniso uyindaba enkulu kunazo zonke: indaba yokwethembeka kukaNkulunkulu, amandla, insindiso, nothando olungapheliyo. Asithatheni uhambo kulezinsuku ezilandelayo ezi-25 ukuthi sizwe ngohlelo lukaNkulunkulu lokusindisa izwe esonweni nezethembiso ezafezwa ngokuzalwa kweNdodana Yakhe.

More

Sithanda ukubonga i Church of the Highlands ngokunikela ngaloluhlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele ku: https://www.churchofthehighlands.com/