Ukuza: Uhambo lukaKhisimusiIsampula

Advent: The Journey to Christmas

USUKU 12 KWEZINGU- 25

Amandla Okukholwa

Kunamandla ekuthembeni uNkulunkulu ngokwanele ukuthi ungezwa kuphela akushoyo, kodwa ukukholwa yikho. Uma ukholwa ukuthi akushoyo uNkulunkulu kuyiqiniso nokuthi uhlelo lwaKhe ngempilo yakho luqukethe okuhle kuphela kuwe, lokho kwethemba kuletha ukuthula nesibusiso. Emva kokuthi uMariya ahlangane nengelosi wamkela uhlelo lukaNkulunkulu ngempilo yakhe, wavakashela umzala wakhe uElizabethi, owayekhulelwe ngokumangalisayo emva kweminyaka eminingi eyinyumba. Uma uElizabethi ezwa izindaba ezimnandi zikaMariya, wagcwalisa ngoMoya Oyingcwele wamemezela ukuthi, “Ubusisiwe lowo okholwe ukuthi uNkulunkulu uyakugcwalisa izithembiso zaKhe kuye!"

UMariya wakholwa uNkulunkulu uma ethi wayeyakuzala uMesiya owayelindelwe, wambusisa ngokuthula lapho kwakungenzeka abe novalo. Wayekholwa ukuthi ukuzalwa koMsindisi womhlaba wonke—owakhe uMsindisi—wawuyinzuzo enkulu nanoma kwakuyoba nezimo ezinzima endleleni. UMariya wathemba uhlelo lukaNkulunkulu futhi waphokophela phambili ekukholweni izithembiso zikaNkulunkulu ezaziyakufezeka empilweni yakhe!'

Njengokuba sisondela kuKhisimusi, cabanga ngemiphumela emihle yokukholwa kukaMariya: INdodana kaNkulunkulu yazalwa! Yini uNkulunkulu akukhulume empilweni yakho okudinga ukuthi ukukholwe namhlanje? Themba uhlelo lwaKhe, yamukela ukuthula wazi ukuthi Yena wazi konke, bese ulindela isibusiso esizayo!

Umthandazo: Baba, ngisacabanga ngesibusiso sokuzalwa kukaJesu, ngisize ngifane noMariya. Ngisize ngikhule ekukholweni izithembiso zaKho. Ngiyazi uhlelo lwaKho ngempilo yami lungisa empumelelweni. Ngisize ngibone lezozindawo empilweni yami lapho ngingakholwa khona, ungiphe ukukholwa ukuthi uyasebenza lapho ngingaboni khona. Ngikhetha ukukuthemba namuhla!

Download-a isithombe sanamuhla lapha.

Usuku 11Usuku 13

Mayelana naloluHlelo

Advent: The Journey to Christmas

UKhisimusi ngeqiniso uyindaba enkulu kunazo zonke: indaba yokwethembeka kukaNkulunkulu, amandla, insindiso, nothando olungapheliyo. Asithatheni uhambo kulezinsuku ezilandelayo ezi-25 ukuthi sizwe ngohlelo lukaNkulunkulu lokusindisa izwe esonweni nezethembiso ezafezwa ngokuzalwa kweNdodana Yakhe.

More

Sithanda ukubonga i Church of the Highlands ngokunikela ngaloluhlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele ku: https://www.churchofthehighlands.com/