Ukuza: Uhambo lukaKhisimusiIsampula
Yazisa Umbono KaNkulunkulu Kakhulu
Emva kokuthi uNkulunkulu eveze uhlelo lwaKhe entombini uMariya umama kaJesu, waphendula ngehubo elimangalisayo lokudumisa. Wakhazimulisa uNkulunkulu ngokusebenzisa yena ngohlelo lwaKhe olukhulu kangaka ebe ethobekile kangaka, wamdumisa ngobubele baKhe, ukwethembeka kwaKhe, namandla aKhe ekugcwaliseni isithembiso soMsindisi.
Enye yezinto ezinamandla uMariya azisho uhubeni ukuthi, “Kusukela namhlanje izizukulwani zonke ziyakuthi ngibusisiwe, ngokuba Onamandla wenze izinto ezimangalisayo kimi.” Lokhu kwakuyisisho esimangalisayo sokuthemba uNkulunkulu, ngoba ayemelwe ukukwenza kwakunokumlethela ukwahlulelwa nehlazo kubo bonke ababemazi. Ubani owayeyakumkholwa ukuthi uMariya wayeyintombi? Ngisho nayemiselwe ukumshada kwamele ukuthi atshelwe ingelosi. Izinkulungwane ezimbili zeminyaka sezidlulile, abaningi abakholwa namanje ukuthi wayeyintombi.
Ukwazi lokhu kwakubalulekile, uMariya wacabanga kuphela ngesibisiso esasimehlele sokukhethelwa injongo eyayibaluleke kangaka. Wayazi ukuthi labo ababeyokholwa eNdodaneni yakhe babeyothemba uNkulunkulu ngobuntombi bakhe. Akachithanga isikhathi ngokucabanga ngobunzima emphakathini nasemndenini ayayeyobhekana nabo. Akazilwelanga. UMariyawakhetha ukuthemba uNkulunkulu kunokuchitha ubizo lwakhe, noma ngabe kwakusho ukuthi wayeyohlushwa impilo yakhe yonke. Noma ngabe uNkulunkulu ukucele ukuthi wenzeni, ungavumeli ukuhlupheka nokuhlulelwa kwabantu kukwenze ungalaleli. Asibizelwanga ukunethezeka, ukwamukelwa, nokuqondwa. Sibizelwe ukwenza umehluko!
Umthandazo: Baba, ngiyabonga ukuthi ukhethe umuntu ophansi njengami ukusetshenziselwa inkazimulo yaKho. Ngiyavuma namhlanje ukwenza noma ngabe yini oyifunayo, noma kunzima. Noma abantu bangangaqonda. Okucabanga ngami yikona okubalulekile kimi. Ngiyazi ukuthi izinhlelo zakho ngami azihlulwa yizinhlupheko engingahlangabezana nazo.
Download-a isithombe sanamhlanje lapha.
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
UKhisimusi ngeqiniso uyindaba enkulu kunazo zonke: indaba yokwethembeka kukaNkulunkulu, amandla, insindiso, nothando olungapheliyo. Asithatheni uhambo kulezinsuku ezilandelayo ezi-25 ukuthi sizwe ngohlelo lukaNkulunkulu lokusindisa izwe esonweni nezethembiso ezafezwa ngokuzalwa kweNdodana Yakhe.
More