Ukuza: Uhambo lukaKhisimusiIsampula
Kunani Ngale Kuka “Yebo” Kwakho?
UMariya wenza kubukeke konke kulula. Ingelosi uGabriyeli umtshela ukuthi uzothola iNdodana kaNkulunkulu, uphendula ngokwehla nokuzinikela masinyane endimeni yakhe ohlelweni lukaNkulunkulu. Wayecabangani uMariya? Wayengenasiqiniseko sekusasa elihle. Intombi eyayimiselwe ukushada, kungenzeka wayazi ukuthi kwakuyoba lukhuni kangakanani ukuzala akhulise uJesu. Kuphela ayekwazi uMariya iZwi likaNkulunkulu, futhi lokho kwakwanele ukuthi athi “yebo.”
1 NgokukaPetro 1, umphostoli uPetro uthi ekuhluphekeni kwethu, ukukholwakwethu kwempela kuyavela. UNkulunkulu ujwayele ukusidinga ukuthi simthembe ezimweni ezinzima, ezingemndandi, nezibukeka zingenakwenzeka. Kodwa kukangaki lapho senza khona njengoMariya? Ukungabaza kwethu kuma endleleni kwalokho uNkulunkulu asuke esimisele khona nasifunela khona ukuthi sikwenze. Kungenzeka siyafuna ukulungisiswa, kodwa siyakwazi yini ukuthi “yebo” kuNkulunkulu bese siyahamba kulobobunzima?
UMariya wayengaqondi konke okwakungale kokuvuma kwakhe kuNkulunkulu, kodwa wayemethemba. Ngokunjalo, uNkulunkulu waletha uJesu emhlabeni ngoMariya, esilethela ukuthethelelwa kwezono zethu nokulungisiswa ebudlelwaneni bethu noNkulunkulu.
KuloKhisimusi, cabanga ngompendulo kaMariya kuhlelo lukaNkulunkulu ngokuzalwa kukaJesu. Ingabe iyiphi inselelo uNkulunkulu ayiphosele inhliziyo yakho? Noma ngabe ukulungisa ubudlelwane obaphuka noma ukwenza obizelwe khona ngokukholwa, qina ekwazini ukuthi ngale kuka “yebo” wakho kunokukhulu uNkulunkulu akubekele khona nangaphezu kokucabanga kwakho.
Umthandazo: Baba, ngiyethemba ukuthi intando yaKho inhle. Ngiyathandaza ukuthi ufake okufunayo enhliziyweni yami, wenze amaphupho ami abe ngawaKho. Ngibonga ngomzekelo onginike wona ngoMariya. Ngicel ungiphe ubuhlakani, isibindi, kanye nokukholwa ukuthi ngithi “yebo” ohlelweni lwempilo yami.
Download-a isithombe sanamuhlalapha.
Mayelana naloluHlelo
UKhisimusi ngeqiniso uyindaba enkulu kunazo zonke: indaba yokwethembeka kukaNkulunkulu, amandla, insindiso, nothando olungapheliyo. Asithatheni uhambo kulezinsuku ezilandelayo ezi-25 ukuthi sizwe ngohlelo lukaNkulunkulu lokusindisa izwe esonweni nezethembiso ezafezwa ngokuzalwa kweNdodana Yakhe.
More