Ukuza: Uhambo lukaKhisimusiIsampula

Advent: The Journey to Christmas

USUKU 10 KWEZINGU- 25

UNkulunkulu Wokungenzeki

NgokukaLukha 1:34, emva kokuthi ingelosi itshele uMariya ukuthi uzokhulelwa azale UJesu, wayibuza wathi, “Kuzokwenzeka kanjani lokhu ngingayazi indoda?” UMariya wenza esikwenza njalo uma singaboni ukuthi izinto zizikwenzeka kanjani. Wazibuza ukuthi into enjena ingenzeka kanjani.

Kepha ingelosi yaphendula, “UMoya Oyingcwele uyakukusibekela; ngakho ke uMntwana ongcwele uyakubizwa ngeNdodana kaNkulunkulu. Bheka, nesihlobo sakho uElizabethi naye ukhulelwe ebudaleni bakhe; futhi lowo owayeyinyumba ukhulelwe izinyanga eziyisithupha. Ngokuba akukho okungenzeki kuNkulunkulu.”

Nakulesisikhathi esihle sikaKhisimusi, kungabanzima ukubona ukuthi uNkulunkulu usebenza kanjani ezimweni zethu ezibukeka zinzima. Namhlanje, lokukhulelwa okubili akukukhumbuze ngamandla kaNkulunkulu. Cabanga ngoJesu nendonda kaElizabethi, uJohane umBhaphatisi, nokuthi ukuzalwa kwabo kwashintsha umlando kangakanani. UNkulunkulu angenza okukhulu kunokucabangayo nasebusweni kokubukeka kungeke kwenzeke. Nikela isimo sakho kuYe, futhi umethembe ukuthi wethembekile. Qinisela namhlanje; uNkulunkulu akahluleki!

Umthandazo: Baba, Umuhle! Ngiyakudumisa ngamandla aKho—akukho okungamelana naWe! Ngiyabonga ngoba unohlelo ngempilo yami, ngokuletha iNdodana yaKho wenzela mina nokunginika amandla okumelana nezimo ezinzima. Njengoba ngithemba amandla aKho hhayi awami, ngisize ngibone uKhisimusi njengesibonelo esinamandla ukuthi akukho okungenzeki kuWe!

Download-a isithombe sanamhlanje lapha.

Usuku 9Usuku 11

Mayelana naloluHlelo

Advent: The Journey to Christmas

UKhisimusi ngeqiniso uyindaba enkulu kunazo zonke: indaba yokwethembeka kukaNkulunkulu, amandla, insindiso, nothando olungapheliyo. Asithatheni uhambo kulezinsuku ezilandelayo ezi-25 ukuthi sizwe ngohlelo lukaNkulunkulu lokusindisa izwe esonweni nezethembiso ezafezwa ngokuzalwa kweNdodana Yakhe.

More

Sithanda ukubonga i Church of the Highlands ngokunikela ngaloluhlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele ku: https://www.churchofthehighlands.com/