Ukuza: Uhambo lukaKhisimusiIsampula

Advent: The Journey to Christmas

USUKU 7 KWEZINGU- 25

“Sar Shalom”

Ngomprofethi u-Isaya, uNkulunkulu wembula ukuthi kuzozalwa ingane ezobizwa ngeNkosi Yokuthula. NgesiHebhru, igama “INkosi” ("sar”) ikhombisa umholi noma ukaputeni, negama elisho “ukuthula” ("shalom”) lisho “ukuphelela." Ngenkathi uJesu eza emhlabeni, weza ukuhola umhlaba ophukile wasiyisa endaweni lapho singaphiliswa futhi. Weza ukuzosibuyisana noNkulunkulu, ukuvala igebe elidalwe yisono sethu. UJesu weza ukuzodambisa izinkathazo zethu futhi asinikeze nengqondo ehluzekile. Ukuthula akulethe emhlabeni ngoKhisimusi kusivumela ukuba saneliswe futhi siphumule Kuye noma ngabe kunasiphi isiphithiphithi esisizungezile.

Noma yini ongahle ubhekane nayo kulesisikhathi — ukugula, ubudlelwano obuphukile, ukudangala, noma isizungu — vumela ukuthula kukaJesu kukududuze lapho ukhona. Awudingi ukufika ekugcineni komzabalazo wakho ukuze uzizwe uphelele. UJesu ufuna ukuthulisa umoya wakho ngothando lwaKhe futhi aphelelise ukuthembela kwakho Kuye. Ungabhekana nalesi siphepho ngokuphelele kuYe.

Umthandazo: Jesu, ngiyabonga ngokuza kwakho ukungilethela ukuthula. Ngiyabona namuhla ukuthi ngingaphumula Kuwe, noma ngabe ngibhekene nani. Noma nini lapho ukwesaba noma ubunzima kusongela ukuthula kwami, ngisize ngibalekele ekuphepheni kuWe. Hola umoya wami ekupheleleni okutholakala Kuwe.

Download-a isithombe sanamuhla lapha.

Usuku 6Usuku 8

Mayelana naloluHlelo

Advent: The Journey to Christmas

UKhisimusi ngeqiniso uyindaba enkulu kunazo zonke: indaba yokwethembeka kukaNkulunkulu, amandla, insindiso, nothando olungapheliyo. Asithatheni uhambo kulezinsuku ezilandelayo ezi-25 ukuthi sizwe ngohlelo lukaNkulunkulu lokusindisa izwe esonweni nezethembiso ezafezwa ngokuzalwa kweNdodana Yakhe.

More

Sithanda ukubonga i Church of the Highlands ngokunikela ngaloluhlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele ku: https://www.churchofthehighlands.com/