UNkulunkulu UyahlinzekaIsampula

UNkulunkulu Uyahlinzeka

USUKU 1 KWEZINGU- 5

UNkulunkulu wethu yasinakekela

Namuhla, uNkulunkulu uthi, “Yimani niqine!”futhi, “Yimani nigxilile ku-Jehova.” Ngisho noma ngabe izimo zingezinhle ngendlela ebesiyilindele, kufanele sazi ukuthi thina sibiziwe ngu- Nkulunkulu. Singaba khethiweyo, futhi singamlandela ngokuzithemba, sikhule sifinyelele ekuvuthweni okungcwele.

UNkulunkulu wahola abantwana bakwa-Israyeli ehlane ukuba bayovivinywa. UMoya oNgcwele waholela UJesu ehlane ukuba avivinywe. UNkulunkulu uzosiholela ehlane ukuze sivivinywe, siqeqeshwe, silungiselelwe, futhi silungiselelwe ukuqhubekisa phambili umbuso wakhe; noku-thuthukiswa kothando Lwakhe. Kungenxa yothando lwakhe ukuthi UNkulunkulu asiholele ehlane, ukuze simazi kangcono.Isisho sakudala siyasho ukuthi “Lapho UNkulunkulu ekuholela khona, uzokuhlizekela.” Abantwana bakwa-Israyeli babedla, begqokiswa, benakekelwa ngokungaphezu kokujwayelekile ngesikhathi bese-hlane. Ngisho nasehlane uNkulunkulu wethu uyosinakekelela zonke ezidingo zethu. Kufanele sithathe leso sikhathi njengesikhathi lapho UNkulunkulu efuna ukusikhulisa khona okholweni lwethu.

Ukuzindla: Yiziphi izifundo uNkulunkulu akufundise zona kuze kube manje ehlane lakho? Kufanele umbonge ngazo. Ukwazi kanjani ukusebenzisa lezi zifundo ukuze ubusise nabanye?

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

UNkulunkulu Uyahlinzeka

Kwezinye izikhathi thina bafowethu singathola sizithola sisendaweni yentlango. Kodwa lapho entlango, uNkulunkulu unathi. Angasinika noma siphakathi kwenkangala noma ezindaweni eziluhlaza. Uma ungakwazi ukuthemba uNkulunkulu ngezikhathi ezinzima, lolu hlelo lokuzinikela luyindlela yokukhuthaza ukuthi singamthemba kanjani ekusizeni kukaNkulunkulu uma sibhekene nobunzima.

More

Sithanda ukubonga u- Challenge Ministries ngokuhlinzeka ngalolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://www.cmswazi.org/