UNkulunkulu UyahlinzekaIsampula

UNkulunkulu Uyahlinzeka

USUKU 4 KWEZINGU- 5

UNkulunkulu usinikeza UJesu Kristu

Asisodwa. UNkulunkulu akasiyekeli ehlane ukuba sihambe loluhambo sodwa. Uhamba nathi. Akasiniki imephu nenkompa-ndlela bese ethi,” Ngizohlangana nawe ngaphesheya.” Cha! Uthi yena, “Ngizohamba nawe.” UnguEmanuweli, uNkulunkulu unathi. UNkulunkulu usinikeze uJesu ukuba ahambe nathi ehlane. Uyikho konke esikudingayo. UNkulunkulu usinakekelile. Wanele. Unkulunkulu ungakithi, unathi, usizungezile. Useceleni kwethu futhi owakhe unathi.

KuJesu, uNkulunkulu waba yinyama. Ujesu uyisinkwa sokuphila. Ungaphezu kwemana. Imana yayiyi sinkwa sansuku zonke kubantwana bakwa-Israyeli lapha emhlabeni. Isinkwa sokuphila lesi Ujesu ayiso, asigcini nje ngokusilonda la eMhlabeni, kodwa sisinikeza impilo engunaphakade EZulwini. Into esemqoka emhlabeni akusiyona Imana, noma izwe lesithembiso lelii elinoju nobisi, kodwa ubudlelwane noNkulunkulu. UNkulunkulu usinikeze Ujesu ukuzesibe nobudlelwane naye, ingunaphakade. Masiphile impilo ngokupheleleyo, noma ngabe yiziphi izingqinamba, wena, dumisa UNkulunkulu, futhi simuthokozele ingunaphakade. Lesi yisikhathi semvuselelo nezimangaliso. Vumela UNkulunkulu akuhole kulesikhathi usasehlane, ukuze ujabulele ubuhle bokunakekelwa uNkulunkuu ngemana usuku nosuku. Uthokozele ubukhona bakhe, uthando lwakhe, injabulo yakhe, impilo yakhe, nentokozo yakhe.

Ukuzindla: iphuzu elisemqoka empilweni akulona izwe lesithembiso elinoju nobisi kodwa ubudlelwane noNkulunkulu. Cabanga ngalokhu namhlanje: engabe UJesu usemqoka, uyena ombeka phambili futhi umnxanele yini empilweni yakho?

Usuku 3Usuku 5

Mayelana naloluHlelo

UNkulunkulu Uyahlinzeka

Kwezinye izikhathi thina bafowethu singathola sizithola sisendaweni yentlango. Kodwa lapho entlango, uNkulunkulu unathi. Angasinika noma siphakathi kwenkangala noma ezindaweni eziluhlaza. Uma ungakwazi ukuthemba uNkulunkulu ngezikhathi ezinzima, lolu hlelo lokuzinikela luyindlela yokukhuthaza ukuthi singamthemba kanjani ekusizeni kukaNkulunkulu uma sibhekene nobunzima.

More

Sithanda ukubonga u- Challenge Ministries ngokuhlinzeka ngalolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://www.cmswazi.org/