UNkulunkulu UyahlinzekaIsampula

UNkulunkulu Uyahlinzeka

USUKU 3 KWEZINGU- 5

UNkulunkulu unikeza i-Mana

Ukubuthwa kwemana nsuku zonke kwakuwuvivinyo kubantwana bakwa-Israyeli ukubaqeqesha, ukubafundisa ukwethembela kuNkulunkulu. Kwaveza Ndlela yokuthuthukisa futhi ikhulise abantwana bakhe. Iningi lethu lingathanda ukuyolala lazi ukuthi amakhabethe agcwele. Kwakuyisenzo sokukholwa njalo kubantwana bakwa Israyeli ukwethemba ukuthi kuzobe kukhona ukudla ngakusasa. UNkulunkulu wayebafundisa ukuthi umuntu akayokuphila ngesinkwa kuphela; kodwa ngawo wonke amazwi aphuma emlonyeni weNkosi. UNkulunkulu usufundisa okufanayo nathi. Asilondoloziwe yimana, kodwa ngu Nkulunkulu uqobo lwakhe. Uyasinikeza Imana yosuku, kanye nezwi lakhe. Njengoba enza usuku nosuku kubantwana bakwa Israyeli, uzosihlinzeka nathi. Uyosinika Amandla, umusa, ukuhlinzekwa kosuku nosuku. Hhayi isonto nesonto, inyanga nenyanga, noma unyaka nonyaka. Kwesinye isikhathi kunzima ukuhlelela unyaka. Esikhathini sasehlane, sidinga ukuhlala sivumelana nezimoezinhlelweni zethu, kodwa sime siqinile okholweni lwethu, sigxilile kuNkulunkulu. Sikulungele ukuya la uNkulunkulu esiyisa khona. Asilungele ushintsho oluzayo. Sithembe uNkulunkulu namuhla. Futhi, uNkulunkulu uzokunakekela nakusasa.

Ukuzindla: Esikhathini esinzima sasehlane, ngabe kuke kwaba khona isikhathi lapho uke wabona uNkulunkulu elula isandla sakhe? Ungathatha lelithuba uzikhumbuze ukuthi uNkulunkulu wakuhlinzeka kanjani futhi umbonge ngalokho akwenzile.

Usuku 2Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

UNkulunkulu Uyahlinzeka

Kwezinye izikhathi thina bafowethu singathola sizithola sisendaweni yentlango. Kodwa lapho entlango, uNkulunkulu unathi. Angasinika noma siphakathi kwenkangala noma ezindaweni eziluhlaza. Uma ungakwazi ukuthemba uNkulunkulu ngezikhathi ezinzima, lolu hlelo lokuzinikela luyindlela yokukhuthaza ukuthi singamthemba kanjani ekusizeni kukaNkulunkulu uma sibhekene nobunzima.

More

Sithanda ukubonga u- Challenge Ministries ngokuhlinzeka ngalolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://www.cmswazi.org/