UNkulunkulu UyahlinzekaIsampula

UNkulunkulu Uyahlinzeka

USUKU 2 KWEZINGU- 5

UNkulunkulu uyasinakekela ehlane

Iningi lethu, ukusabela kwethu kokuqala lapho siholelwa ehlane kufana ncamashi nokwabantwana bakaw-Israyeli. Siyabubula futhi sikhononde. Sibheka ngehlo lokungacacelwa , silangazelele okwedlule. Kunalokho, masikhumbule ukuthi uNkulunkulu unesithombe esikhulu. Uma sizobheka ngeso lakhe, uNkulunkulu muhle futhi uNkulunkulu uluthando’ singabona inzuzo ngokuba kwethu ehlane sivivinywa. Lesi yisikhathi sokuvuselelwa enhlizweni kaNkulunkulu. Lesi isikhathi sokuqeqeshwa sifundiswa ukuthobeka, nokuqiniswa kwethemba lethu kuNkulunkulu. uJesu wayesehlane izinsuku ezingu-40; abantwana bakwa Israyeli babesehlane iminyaka ewu-40. Isikhathi sasehlane singaba yisikhashana. Masilungele ukwamukela futhi sifunde izifundo uNkulunkulu anazo ngathi. Yini uJehova afuna ukusibonisa yona ngalesikhathi?

Ukuzindla: Uma usesikhathini sokuvivinywa ehlane, futhi ukuthola kunzima ukuzwa izwi likaNkulunkulu, ungapheli Amandla. Thatha leso sikhathi uzisondeze kuyena, umulalele. Engabe kukhona yini uJehova akubonisa kona namuhla? Kungakuhle umcele akuvule iso likamoya ubone ubuhle bakhe nothando lwakhe ezikhathini eziyinselele. Njengoba usalinde uNkulunkulu, sengathi ungamazi ngokwengeziwe, kuloluhambo lwasehlane okulo.

Usuku 1Usuku 3

Mayelana naloluHlelo

UNkulunkulu Uyahlinzeka

Kwezinye izikhathi thina bafowethu singathola sizithola sisendaweni yentlango. Kodwa lapho entlango, uNkulunkulu unathi. Angasinika noma siphakathi kwenkangala noma ezindaweni eziluhlaza. Uma ungakwazi ukuthemba uNkulunkulu ngezikhathi ezinzima, lolu hlelo lokuzinikela luyindlela yokukhuthaza ukuthi singamthemba kanjani ekusizeni kukaNkulunkulu uma sibhekene nobunzima.

More

Sithanda ukubonga u- Challenge Ministries ngokuhlinzeka ngalolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://www.cmswazi.org/