Isinqumo Esikhulu Kunazo Zonke Empilweni Yakho!Isampula
“UNkulunkulu Wakudala Enephakade Emcabangweni”
Ngenkathi uNkulunkulu esidala, wayenohlelo olungaphezulu lweminyaka nje e-70 noma 80 yokuphila kwethu. Wayelokhu enenjongo yezimpilo zethu ngabanye ngabanyes. Uhlelo lwakhe olokuphila kwethu emhlabeni, kanye nasezulwini (okwaphakade). NgokukaJakobe 4:14 sichazelwa umehluko phakathi kwalokhukuphila okubili. Lithi,
“Kuyini ukuphila kwenu na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana, ibisinyamalala.” Jakobe 4:14
Uke wezwa lesisisho, “Impilo imfushane.” Impela kunjalo, uma ucabanga ngephakade! IBhayibheli lithi,
“...kumiselwe abantu ukuba bafe kanye, emva kwalokhu ukwahlulelwa.” AmaHeberu 9:27
Sonke simelwe ukufa kwenyama. Kodwa ukufa kwenyama uwukuphela komzimba wenyama kuphela, hhayi umoya wethu. Umoya wethu noma ulwazi lukanembeza oluhlala emzimbeni wethu, kungokwaphakade. Umoya wethu uyochitha ingunaphakade endaweni eyodwa kwezimbili emva kokufa kwethu kwenyama: Ezulwini noma Esihogweni.
Izulu liyipharadesi yaphakade lapho uNkulunkulu ehlala khona.
Isihogo siwukuhlukana phakade noNkulunkulu.
Ukuzalwa kwethu kwenyama kwakungesikho ukuqala kwempilo enyameni okwesikhashana emhlabeni kuphela, kodwa nempilo kamoya lapha nangale kuze kuke phakade. Ngenxa yephakade, abanye babona impilo yasemhlabeni njengengabalulekile, kodwa akunjalo. Impilo yakho yaphakade iwumphumela wezinqumo esikhathini sakho sokuphila emhlabeni; ikakhulukazi, isinqumo sokwenza uJesu Kristu abe iNkosi yempilo yakho. Insindiso ithe chithisaka kithi sonke ngoJesu Kristu, kungaye yedwa ensingathicha iphakade lethu singahlukanisiwe noNkulunkulu, siphile ingunaphakade noNkulunkulu Ezulwini. UJesu wathi:
“Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.” NgokukaJohane 14:6
Izinqumo esizenza ezimpilweni zethu sisemhlabeni zibalulekile ngezinye izizathu futhi. Indlela esiphila ngayo njengamakholwa ingaba nomthelela kwabanye abangakamazi uJesu Kristu njengeNkosi noMsindisi. Nsuki zonke, abantu ezimpilweni zethu babuka isibonelo sokuphilela uJesu kithi. NjengamaKristu, uNkulunkulu uyasisebenzisa ukuletha izulu kulabo abangakamazi. UJesu wathi:
“Nina ningukukhanya kwezwe...makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.” NgokukaMathewu 5:14-16
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Izinqumo eziningi empilweni zibalulekile. Kodwa-ke, yinye kuphela ebaluleke kakhulu. Uma ufuna umhlahlandlela olula wokuqonda okujulile kwalesi sinqumo esiyingqayizivele - isipho samahhala sikaNkulunkulu sensindiso - uqala lapha. Ithathwe encwadini, “Kuleli Zwe; Umhlahlandlela WamaKristu Wokukhula Ngenhloso ”nguDavid J. Swandt.
More
Singathanda ukubonga u Twenty20 Faith, Inc. ngokunikeza ngale plan. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://twenty20faith.org/yvdevtmp