Isinqumo Esikhulu Kunazo Zonke Empilweni Yakho!Isampula

Isinqumo Esikhulu Kunazo Zonke Empilweni Yakho!

USUKU 3 KWEZINGU- 6

“Akungenise Na uNkulunkulu Ezulwini?”


Ake ucabange kancane isikhathi lapho impilo yakho emhlabeni iyofika ekugcineni. Zicabange uzibona ufika phambi kukaNkulunkulu. Lapho ukudideka nokumangala kuguquka kuba ukulindela nokujabula ukubona ekugcineni ikhaya lakho laphakade, zicabange umiswa ngaphambi kokungena. UNkulunkulu akubuze umbuzo ojulile, “Ngikungeniseleni ezulwini?”


Ungaphendula uthini?


Ngenhlanhla, malufika lolosuku kithi sonke, uNkulunkulu akayikufuna ukuthi senze isivivinyo uma sifuna ukungena. Kepha, ukucabanga ngalendlela kusivezela isithombe esibalulekile, esisenza sicabange, okungasisiza siqonde insindiso. 


Abanye bangamphendula uNkulunkulu ngokuthi benze imisebenzi emihle emhlabeni. Abanye bangalandisa ngokuthi babezinikele kangakanani esontweni labo, nabanye futhi bangamtshela ngokuningi okubi abazibamba kukho bangakwenza. Nakuba konke lokhu kubalulekile kuwo wonke amKristu, akusikho okuletha insindiso. Yinye impendulo eshaya esikhonkosini:


“NGenze uJesu Kristu waba yiNkosi yempilo yami, futhi ungihlanzile kuzo zonke izono zami.”

Usuku 2Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

Isinqumo Esikhulu Kunazo Zonke Empilweni Yakho!

Izinqumo eziningi empilweni zibalulekile. Kodwa-ke, yinye kuphela ebaluleke kakhulu. Uma ufuna umhlahlandlela olula wokuqonda okujulile kwalesi sinqumo esiyingqayizivele - isipho samahhala sikaNkulunkulu sensindiso - uqala lapha. Ithathwe encwadini, “Kuleli Zwe; Umhlahlandlela WamaKristu Wokukhula Ngenhloso ”nguDavid J. Swandt.

More

Singathanda ukubonga u Twenty20 Faith, Inc. ngokunikeza ngale plan. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://twenty20faith.org/yvdevtmp