Isinqumo Esikhulu Kunazo Zonke Empilweni Yakho!Isampula
“Insindiso: Ingxenye kaNkulunkulu Nengxenye Yakho”
Insindiso ihlanganisa izinqumo ezimbili ezibalulekile. Isinqumo sokuqala yileso esenziwa uNkulunkulu kudala mhla ethumela iNdodana yakhe emhlabeni ukuthi abe uMsindisi wethu. Esesibili isinqumo sakho sokwamukela iNdodana yakhe ibe uMsindisi WAKHO.
“Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu - akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo.” KwabaseEfesu 2:8-9
UMUSA awusetshenzelwa futhi awufanelekelwa. Umusa uyingxenye kaNkulunkulu ensindisweni, futhi uwenabisela kubantu ngesipho sakhe esingenasici, uJesu Kristu. Ngesiphambano, uJesu wenza inkokhelo egcwele nephelele ngenxa yezono zethu. Futhi ngoJesu, omele umusa kaNkulunkulu, akukho misebenzi edingeka kithina, nesingabhadala ngayo. Asikwazi ukusebenzela insindiiso yethu; iyisipho samahhala esinikelwa bonke abantu, esingadingi nkokhelo yethu.
UKUKHOLWA kungubufakazi bokuthi into ikhona noma ingabonakali ngamehlo fithi ingathinteki. Umusa uyadingeka engxenyeni yethu yensindiso, futhi ngokukholwa, njengesenzo sentando yethu, sikhetha ukunikela izimpilo zethu kuNkulunkulu ngokwenza uJesu iNkosi yezimpilo zethu. Sesamkelile ngokukholwa umusa kaNkulunkulu ngoJesu Kristu, ngokungangabazi, nangaphandle kokuthandabuza simelwe ingunaphakade noNkulunkulu ezulwini. Ungaba nesiqiniseko sika-100% ngalokho!
Noma imisebenzi emihle ingenakusiklomelisa ngensindiso, idlala indima ebalulekile ekuphileni impilo yobuKristu emva kokwamkela uJesu.
Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle ayilungisela ngaphambili uNkulunkulu ukuba sihambe kuyo.” KwabaseEfesu 2:10
UNkulunkulu unenjongo ngezimpilo zethu sonke, ukuthi yenzeka kanjani kuphakathi kwakho naYe. Kepha uNkulunkulu unenjongo efanayo ngabantwana bakhe bonke, okuwukwenza ukukholwa kwethu ngemisebenzi emihle. Uma senze njalo, sigcwalisa uhlelo olubalulekile lukaNkulunkulu ezimpilweni zethu, sikhazimulise uthando lwaKhe kwabanye. Insindiso iyisiqalo esisha nesiphetho futhi kumele ibungazwe. Uyisidalwa esisha, uguquliwe phakade!
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Izinqumo eziningi empilweni zibalulekile. Kodwa-ke, yinye kuphela ebaluleke kakhulu. Uma ufuna umhlahlandlela olula wokuqonda okujulile kwalesi sinqumo esiyingqayizivele - isipho samahhala sikaNkulunkulu sensindiso - uqala lapha. Ithathwe encwadini, “Kuleli Zwe; Umhlahlandlela WamaKristu Wokukhula Ngenhloso ”nguDavid J. Swandt.
More
Singathanda ukubonga u Twenty20 Faith, Inc. ngokunikeza ngale plan. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://twenty20faith.org/yvdevtmp