Isinqumo Esikhulu Kunazo Zonke Empilweni Yakho!Isampula

Isinqumo Esikhulu Kunazo Zonke Empilweni Yakho!

USUKU 5 KWEZINGU- 6

"Ukubhapatiswa Emanzini:  Ukumemezela Impilo Eshintshile”


Ukubhapatiswa emanzini indela ebalulekile yokumemezela ukusindiswa kwakho. Ukubhapatiswa emanzini kubungaza ukuphela kwempilo endala nokuqala kwempilo entsha. UJesu wafundisa abafundi bakhe ngokubaluleka ngombhapatiso ngaphambi kokunyukela kwakhe ezulwini emva kokuvuka. Wathi,


“Ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele.” NgokukaMathewu 28:19


ETestamenteni lonke elisha, kunezindatshana eziningi zamakholwa ebhapatiswa. Ukubhpatiswa ngamanzi kubalulekile kulowo obhapatiswayo, nalabo ababukayo. Ukubhapatiswa ngamanzi kuveza ebantwini: ukuphela kwendlela obuphila ngayo ngokungena emanzini; nokuqala kwempilo entsha kuKristu uma usuphuma emanzini uhlanziwe, ucolisiwe uyisidalwa esisha kuNkulunkulu.


NgokukaLuka 3:3 ikhuluma ngokubhapatiswa ngamanzi njengoku “bhapatiselwa ekuphendukeni,” futhi kuqinisa ukubaluleka kokuphumela eshashalazini ngokuthi sesiphendukile empilweni yakudala nesono. Nanoma ukubhapatiswa ngamazi kungenakusisindisa noma kumboze isono sethu, kumele isikhathi esibalulekile empilweni yethu yobuKristu – ukumemezela ukuthi uyisidalwa esisha, impilo entsha! Uma bekukhona umuntu obengadingi ukuphumela eshashalazini amemezele, kwakunguJesu,owaphila impilo engenasono emhlabeni. Kodwa NgokukaLuka 3:21 uthi,


“Kwathi uma bebhapathiziwa abantu bonke, naye uJesu wabhapathizwa.” NgokukaLuka 3:21


UJesu wabhapatiswa ukuze silandele umzekelo wakho. Ukubhapatiswa ngamanzi kubaluleke kakhulu. Uma ungakabhapatiswa ngamanzi,kubalulekile ukuthi ukwenze. IBhayibheli liyasiyala ukuthi sikwenze lokhu njengesibonakaliso sensindiso yethu, futhi amabandla amningi afundisa iBhayibheli anikeza amthuba amaningi okubhapatisa ngamanzi. Ukulandela isibonelo sikaJesu iyonandlela. UNkulunkulu uzokubusisa ngokwethembeka nokumlalela kwakho!

Usuku 4Usuku 6

Mayelana naloluHlelo

Isinqumo Esikhulu Kunazo Zonke Empilweni Yakho!

Izinqumo eziningi empilweni zibalulekile. Kodwa-ke, yinye kuphela ebaluleke kakhulu. Uma ufuna umhlahlandlela olula wokuqonda okujulile kwalesi sinqumo esiyingqayizivele - isipho samahhala sikaNkulunkulu sensindiso - uqala lapha. Ithathwe encwadini, “Kuleli Zwe; Umhlahlandlela WamaKristu Wokukhula Ngenhloso ”nguDavid J. Swandt.

More

Singathanda ukubonga u Twenty20 Faith, Inc. ngokunikeza ngale plan. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://twenty20faith.org/yvdevtmp